Ingabe Uyalesaba Ikusasa?
UKWESABA kungezindlela eziningi. Ngokwesibonelo, abanye abantu besaba lokho ikusasa elikuphathele umhlaba. Umagazini i-Time ka-April 3, 2006 uthi: “Isimo sezulu sibonakala siwohloka nxazonke, siletha ishisandlu, iziphepho, izikhukhula, imililo nokuncibilika kweqhwa elisolwandle.”
Ngo-May 2002, i-United Nations Environment Programme yakhipha umbiko owawunesihloko esithi, “Isimo Semvelo Embulungeni Yonke-3.” Wabhalwa ngokubambisana nabantu abangaphezu kwenkulungwane. Ngokombiko othile wezindaba, lowo mbiko wathi: “Umhlaba usemahlukana-ndlela futhi zibaluleke kakhulu izinqumo ezenziwa namuhla ngokuphathelene namahlathi, izilwandle, imifula, izintaba, izilwane zasendle neminye imijikelezo esekela ukuphila izizukulwane ezikhona namuhla nezesikhathi esizayo ezixhomeke kuyo.”
Isimo semvelo samanje embulungeni yonke simane singenye yezimbangela zokukhathazeka. Abantu emhlabeni wonke manje baphila ngokwesaba ukuhlaselwa amaphekula. Isekela lomqondisi wemisebenzi yezezinhloli zombuso eCanada lathi: “Siyaqwasha ebusuku sikhathazekile ngokusongelwa esingazi ukuthi kuyogadla nini futhi kanjani.” Phela, ngisho nokubuka nje izindaba zakusihlwa kuyithelevishini kungabangela ukukhathazeka!
Abantu abaningi abadala abasebenza ngokuzikhandla besaba ukuphelelwa imisebenzi yabo. Ukudilizwa emsebenzini, ukuvalwa kwezinkampani, ukuncintisana emsebenzini kanye nabaqashi abafuna okungaphezu kwamandla ezisebenzi kungadala isimo sokuhlalela ovalweni lokuphelelwa umsebenzi. Intsha yesaba ukungamukeleki kontanga. Izingane ezisencane zingase zibe novalo lokuthi hleze abazali bazo abazithandi ngempela. Kodwa kuthiwani ngezimo ezweni eziphila kulo? Omunye umama okhathazekile uthi: “Kwabasebasha nabangenakho okuhlangenwe nakho, izwe ngaphandle kwasekhaya kumelwe ukuba ngezinye izikhathi libonakala liyindawo enkulu ethusayo.” Futhi abazali abaningi bakhathazekile ngomphumela ukuwohloka kokuziphatha kwaleli zwe okuba nawo kwabathandekayo babo, ikakhulukazi ezinganeni zabo.
Asebekhulile bavame ukwesaba ukuthi bangase bawe ezitebhisini noma bahlaselwe emgwaqweni. Yebo, “sebesaba into ephakeme nje, kukhona nezinto ezethusayo endleleni.” (UmShumayeli 12:5) Kukhona nokwesaba ukungenwa izifo ezimbi. Imibiko yamagciwane omkhuhlane obulalayo, umdlavuza nezifo ezithathelwanayo ingasenza sesabe ukuthi hleze singenwe isifo esithile esisha nesingandile esingase sisigoge noma sisibulale thina nemikhaya yethu. Kakade lapho sibona abantu abayimiqemane, abanobungqabavu behlatshwa isifo esithile sibaxhwalise, asikwazi ukungakhathazeki ngokuthi mhlawumbe nathi siyophathwa yileso sifo noma abathandekayo bethu. Futhi yeka ukuthi kudabukisa kanjani ukubheka amehlo omuntu ogulayo uwabone engasenalo nelincane ithemba!
Njengoba sibhekana nokwesaba okungezindlela eziningi, sikhona yini isizathu esizwakalayo sokuba nethemba ngekusasa? Kukhona yini okungasisiza ukuba siqhubeke sinombono wethemba? Isihloko esilandelayo sizoyiphendula le mibuzo.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]
© Jeroen Oerlemans/Panos Pictures