Zibaluleke Ukudlula Isimo Sezulu
CISHE zonke izizwe zinezaga ezikhuluma ngesimo sezulu: Isibhakabhaka esibomvu ebusuku sijabulisa amatilosi; isibhakabhaka esibomvu ekuseni siyisixwayiso ematilosini. Abahlahli besimo sezulu namuhla banikeza izizathu ezingokwesayensi ezibangela ukuba isimo sezulu sibe njengoba lesi saga sisho.
Nabantu bangesikhathi sikaJesu babejwayele ukubhekisisa isibhakabhaka bachaze nokuthi sisho ukuthini. UJesu washo la mazwi kumaJuda athile: “Uma kuhwalala nivamé ukuthi, ‘Izulu lizoba lihle, ngoba isibhakabhaka sibomvu njengomlilo’; ekuseni nithi, ‘Namuhla izulu lizobanda, libe nemvula, ngoba isibhakabhaka sibomvu njengomlilo, kodwa liguqubele.’ Niyakwazi ukuchaza ukubonakala kwesibhakabhaka, kodwa . . . ” Kodwa ini? UJesu wabe esesho into engavamile: “Izibonakaliso zezikhathi anikwazi ukuzichaza.”—Mathewu 16:2, 3.
Zaziyini lezo “zibonakaliso zezikhathi”? Zaziyizinkomba eziningi ezicacile ezibonisa ukuthi uJesu wayenguMesiya weqiniso othunywe nguNkulunkulu. Izenzo zakhe zazicace kuhle kwesibhakabhaka esibomvu. Nokho, iningi lamaJuda lazishaya indiva izibonakaliso ezazibonisa ukuthi uMesiya ufikile—isenzakalo esibaluleke ukudlula isimo sezulu.
Nanamuhla kunesibonakaliso esibaluleke kakhulu kunombala wesibhakabhaka. UJesu wabikezela ukuthi leli zwe elibi lizoqedwa ukuze kube khona umhlaba omusha. Wakhuluma ngezenzakalo eziningana ezaziyobonisa ukuthi lokhu kwase kuzokwenzeka. Phakathi kwalezo zenzakalo wabala izimpi nendlala emhlabeni wonke. UJesu wathi lapho sibona lezi zinto, kumelwe sazi ukuthi kuyobe sekuseduze ukuba uNkulunkulu athathe isinyathelo.—Mathewu 24:3-21.
Wena uyazibona yini “izibonakaliso zezikhathi”?