Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w07 4/15 k. 32
  • Isifiso Sika-Adryana

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isifiso Sika-Adryana
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
w07 4/15 k. 32

Isifiso Sika-Adryana

U-ADRYANA, intombazanyana eneminyaka eyisithupha ubudala yaseTulsa, e-Oklahoma, e-U.S.A., wayenesifiso esijulile. Sasifana nesomhubi uDavide, owahlabelela: “Yinye into engiyicelé kuJehova—iyilokho engiyokufuna, ukuba ngihlale endlini kaJehova zonke izinsuku zokuphila kwami, ukuze ngibone ubuhle bukaJehova futhi ngibuke ithempeli lakhe ngokwazisa.”—IHubo 27:4.

Lapho u-Adryana enezinyanga nje eziyisithupha ubudala, kwatholakala ukuthi une-neuroblastoma, isimila esibulalayo esikhula ezingxenyeni ezithile zesimiso sezinzwa. Lesi sifo esibulalayo samkhubaza izinyawo zakhe zombili. Odokotela bamhlinza kaningi futhi kwaphela unyaka wonke elashwa ngamakhemikhali.

Uyise ka-Adryana, ongakholelwa ezimfundisweni zika-Adryana nonina, wathintana nesikhungo esithile ecela ukuba indodakazi yakhe ivakashele ipaki lokuzijabulisa elidume umhlaba wonke. Ngaphambi kokuba benze lokhu uyise ayekucelile, abakulesi sikhungo baxoxa no-Adryana. Wabonga kakhulu ngokuba acatshangelwe kodwa wabatshela ukuthi angakhetha ukuvakashela eBethel, indlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova eNew York. Ngemva kokuzwa ngesicelo esenziwa uyise, u-Adryana wathandaza ecela uJehova ukuba amnike ithuba lokuvakashela eBethel. Nakuba abakulesi sikhungo babekhathazekile ngokuthi iBethel yayingeke imjabulise kangako umntwana, bamvumela ukuba aye khona ngenxa yokuthi noyise akazange aphikisane naleso sinqumo.

U-Adryana waya eNew York okokuqala ngqa eyovakashela iBethel, futhi wayehamba nonina, udadewabo kanye nomngane wakhe. U-Adryana wathi: “UJehova uwuphendulile umthandazo wami. Bengazi ukuthi uzosamukela eBethel. Ngiyibonile indlela okwenziwa ngayo izincwadi, omagazini namaBhayibheli. Ingcono kunepaki lokuzijabulisa.”

U-Adryana ‘wabubona ubuhle bukaJehova’ futhi wayibona ngokwazisa indlela okusetshenzwa ngayo esikhungweni somsebenzi wabantu bakaJehova namuhla. Nawe wamukelekile ukuba uvakashele eBethel. Ngaphandle kwendlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova eseNew York, kunamahhovisi amagatsha kwezinye izingxenye ezihlukahlukene zomhlaba.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela