Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w07 2/15 k. 32
  • Isibonelo Sokwethembeka

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isibonelo Sokwethembeka
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
w07 2/15 k. 32

Isibonelo Sokwethembeka

MUVA nje uNelma olungisa izinwele eCruzeiro do Sul, eBrazil, uye wabhekana novivinyo lobuqotho bakhe njengomKristu. Lapho kuba nezikhukhula endaweni yakubo, elinye lamakhasimende kaNelma lamupha izingubo. Ngesikhathi elokhu ekhetha kulezo zingubo, wathola imali engango-R7 400 ekhukhwini lelinye ibhulukwe.

Leyo mali yayilingana nomholo kaNelma wezinyanga ezingu-7 futhi wayeyidinga ngempela. Indlu yakhe yayidilikile ngenxa yezikhukhula futhi uyise nezingane zakubo balahlekelwa izinto zabo eziningi. Ngale mali, wayengakwazi ukulungisa indlu yakhe futhi kusale enye ayengasiza ngayo izihlobo zakhe. Nokho, unembeza kaNelma oqeqeshwe ngeBhayibheli awumvumelanga ukuba ayigcine le mali.—Hebheru 13:18.

Ngakusasa ekuseni, washeshe wafika emsebenzini futhi waxhumana nowesifazane owayemnike izingubo. UNelma wambonga kakhulu ngezingubo kodwa wanezela nokuthi ubuyise okuthile akuthole ezingutsheni. Lona wesifazane wajabula kakhulu lapho emthozisela le mali. Wayeyibekele ukukhokhela abantu abaqashile. Lona wesifazane wathi: “Akusavamile ukuthola umuntu othembekile.”

Yebo, abanye bangase babe nomuzwa wokuthi ukwethembeka akubalulekile kangako. Nokho, abantu abafuna ukujabulisa uNkulunkulu weqiniso, uJehova, bakwazisa kakhulu ukwethembeka. (Efesu 4:25, 28) UNelma wathi: “Bengiyoqwasha ebusuku ukube angizange ngiyibuse le mali.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela