Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w07 2/1 k. 32
  • Lilula Lona, Kodwa Ingabe Linembile?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lilula Lona, Kodwa Ingabe Linembile?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
w07 2/1 k. 32

Lilula Lona, Kodwa Ingabe Linembile?

NGO-SEPTEMBER 2005, iSonto LaseSheshi lakushayela ihlombe ukukhululwa kwe-100-Minute Bible. Njengoba yaklanyelwa ukuba ifundwe ngemizuzu eyikhulu, le nguqulo entsha ifingqa imiBhalo YesiHebheru ibe izingxenye ezingu-17 ngayinye enekhasi elilodwa kanye nemiBhalo YesiGreki ibe izingxenye ezingu-33. Ngokusho komunye umhlaziyi, le nguqulo ikhiphe yonke imininingwane “eyisicefe.” Ifundeka kalula yona, kodwa ingabe inembile?

Ngaphandle kokuthi igama likaJehova likhishiwe kule nguqulo, abafundi beBhayibheli abaqotho bazoziphawula nezinye izindawo eziningana lapho ishaya khona eceleni. (IHubo 83:18) Ngokwesibonelo, ingxenye 1 ithi uNkulunkulu “wadala izulu nomhlaba ngezinsuku eziyisithupha.” Kodwa uGenesise 1:1 umane nje athi: “Ekuqaleni uNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba.” Ngemva kwalokho, ukulandisa kokuqala kuchaza ezinye izinto ezadalwa eziphathelene nomhlaba ezathatha “izinsuku,” noma izinkathi, eziyisithupha. UGenesise 2:4 ube esefingqa yonke inkathi yokudala ngokuthi ‘usuku uJehova uNkulunkulu enza ngalo umhlaba nezulu.’

Ngokwe-100-Minute Bible, uJobe, indoda eqotho, wahlaselwa “enye yezinceku [zikaNkulunkulu], uSathane, . . . owayenikwe umsebenzi wokuba ummangaleli wesintu.” Uyakubona yini okushaya amanzi la? Igama elithi “Sathane” lisho ukuthi “uMphikisi.” USathane akayona inceku kaNkulunkulu, kunalokho uyisitha sikaNkulunkulu esikhulu futhi wazenza yena waba ummangaleli wesintu.—IsAmbulo 12:7-10.

Kuthiwani ngengxenye yemiBhalo YamaKristu YesiGreki ekuyi-100-Minute Bible? Emzekelisweni wezimvu nezimbuzi, le nguqulo entsha ithi uJesu uthanda labo abasiza “noma ubani, kungakhathaliseki ukuthi mncane kangakanani,” kanti eqinisweni uJesu wathi ubusisa labo abenzela abalandeli bakhe okuhle—‘abafowabo.’ (Mathewu 25:40) Amazwibela esAmbulo atshela abafundi baso ukuthi “iRoma, iBhabhiloni elikhulu, liyobhujiswa ngokuphelele.” Nokho, abafundi beBhayibheli bayazi ukuthi akukho lutho emibhalweni yokuqala olusekela ukuthi iRoma ‘liyiBhabhiloni Elikhulu.’—IsAmbulo 17:15–18:24.

Kubantu abafuna ukwazi uMdali wethu baqonde nenjongo yakhe, akukho lutho olungathatha indawo yeBhayibheli eliphelele. Yiqiniso, ukufunda iBhayibheli kuyokuthatha imizuzu engaphezu kweyikhulu, kodwa kuletha izinzuzo ezingenakulinganiswa. (Johane 17:3) Kwangathi ungayamukela le nselele, uzitholele izinzuzo zokulifunda.—2 Thimothewu 3:16, 17.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela