Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w07 1/15 k. 31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Umbheka Njengoyisibonelo Esihle Noma Esiyisixwayiso?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Ukuhlakanipha KukaSolomoni
    IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?
  • “Isibopho Esiphelele Somuntu”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Incwadi YeBhayibheli Yama-21—UmShumayeli
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
w07 1/15 k. 31

Imibuzo Evela Kubafundi

Kungamuphi umqondo umhlanganisi athola kuphela “indoda eyodwa kwayinkulungwane” kodwa engamtholanga “owesifazane phakathi kwabo bonke laba”?—UmShumayeli 7:28.

Ukuze siwaqonde kahle la mazwi aphefumulelwe, okokuqala kumelwe siqonde indlela uNkulunkulu abheka ngayo abesifazane. IBhayibheli libhekisela kumalokazana kaNawomi uRuthe owayengumfelokazi ngokuthi “ungowesifazane ovelele.” (Ruthe 3:11) NgokwezAga 31:10, umfazi omuhle “inani lakhe lilidlula kude elamakhorali.” Ngakho, yayisho ukuthini inkosi yakwa-Israyeli wasendulo, uSolomoni, lapho ithi: “Ngitholé . . . indoda eyodwa eqotho kwayinkulungwane, kepha angimtholanga noyedwa owesifazane oqotho”?—Moffatt.

Umongo ubonisa ukuthi abesifazane abaningi bosuku lukaSolomoni babengenazo izimiso ezinhle zokuziphatha. (UmShumayeli 7:26) Kungenzeka ukuthi lokhu kwakungenxa yethonya labesifazane bezizwe ababekhulekela uBhali. Ngisho neNkosi uSolomoni yanqotshwa yithonya labafazi bayo abaningi bezizwe. IBhayibheli lithi: “Waba nabafazi abangamakhulu ayisikhombisa, amakhosazana, nezancinza ezingamakhulu amathathu; kancane kancane abafazi bakhe bayichezukisa inhliziyo yakhe” wakhulekela onkulunkulu bamanga. (1 AmaKhosi 11:1-4) Nezimiso zokuziphatha zamadoda zaziwohlokile—ukutholakala kwendoda eyodwa elungileyo kwayinkulungwane kwakuyivelakancane, kufana nokuthi yayingekho. USolomoni uyaphetha: “Yilokhu kuphela engikutholile, ukuthi uNkulunkulu weqiniso wabenza abantu beqotho, kodwa bona ngokwabo baye bafuna amacebo amaningi.” (UmShumayeli 7:29) Lesi isiphetho ngabantu—isintu sisonke, hhayi indoda uma iqhathaniswa nowesifazane. Ngakho, amazwi akumShumayeli 7:28 kufanele abhekwe njengamazwi abhekisele esimweni esasivamile sokuziphatha kwabantu bosuku lukaSolomoni.

Nokho, leli vesi lingaba nenye incazelo. Kungenzeka ukuthi liyisiprofetho, ngoba akekho owesifazane owake walalela uJehova ngokuphelele. Kodwa ikhona indoda eyakwenza lokho—uJesu Kristu.— Roma 5:15-17.

[Isithombe ekhasini 31]

“Indoda eyodwa kwayinkulungwane”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela