Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w06 12/1 k. 32
  • Ingabe Ijaji Lingaqondiswa?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ijaji Lingaqondiswa?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
w06 12/1 k. 32

Ingabe Ijaji Lingaqondiswa?

USLADJANA, ongomunye woFakazi BakaJehova eCroatia, kwakufanele avele enkantolo ngokuqondene nezindaba zezimali. Wafika ejajini ngesikhathi. Nokho, omunye owayehilelekile kulolu daba wephuza ukufika. USladjana wayefuna ukushumayela, ngakho ngesikhathi wonke umuntu esalindile, waqunga isibindi wakhuluma nejaji.

Walibuza: “Nkosi Yenkantolo, bewazi yini ukuthi maduze amajaji nezinkantolo ngeke kusaba khona emhlabeni?” Wayekhuluma ngamajaji anamuhla.

Limangele, leli jaji lavele lamgqolozela emehlweni, lathula. Umsebenzi wabe usuqala. Sekuqediwe, uSladjana wasukuma wayosayina iphepha elithile futhi ijaji lasondela kuye labuza umbuzo ngokuhlebeza: “Uyaqiniseka ngale nto osanda kungitshela yona, ukuthi maduze ngeke esaba khona amajaji nezinkantolo emhlabeni?”

USladjana waphedula: “Yebo Nkosi Yenkantolo. Ngiyaqiniseka.”

Ijaji labuza: “Buphi ubufakazi balokho?”

USladjana waphendula: “BuseBhayibhelini.”

Leli jaji lathi lingathanda ukufunda ngalobo bufakazi, kodwa alinalo iBhayibheli. USladjana wathi uzoliletha. OFakazi balivakashela leli jaji, balinika iBhayibheli futhi balibuza ukuthi lingethande yini ukuba nesifundo seBhayibheli samasonto onke. Ijaji lasamukela futhi kungakabiphi laba uFakazi kaJehova.

Amazwi ayisiprofetho eHubo 2:10 athi: “Manje, makhosi, bonisani ukuqondisisa; O bahluleli bomhlaba, kuvumeni ukuqondiswa.” Yeka indlela okujabulisa ngayo lapho abantu abafana nalaba bamukela isiqondiso sikaJehova sothando!

[Isithombe ekhasini 32]

USladjana ekanye nejaji

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela