Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w06 11/1 k. 32
  • UDaniel Nebheji Lakhe Lomhlangano

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UDaniel Nebheji Lakhe Lomhlangano
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
w06 11/1 k. 32

UDaniel Nebheji Lakhe Lomhlangano

UJESU wabakhuza abaholi benkolo abazishaya abalungile ngesikhathi becasukela abafanyana ababedumisa uNkulunkulu obala. UJesu wababuza kufanele: “Anizange yini nikufunde lokhu, ‘Emlonyeni wezingane nowabasancela ulungiselelé indumiso’?”—Mathewu 21:15, 16.

UDaniel, oneminyaka eyisithupha ubudala futhi ohlanganyela ebandleni laseJalimane elikhuluma isiRashiya, uwubufakazi bokuthi izingane zisamdumisa uJehova. Yena nonina nodadewabo baya emhlanganweni wesigodi woFakazi BakaJehova eDuisburg. Babeqala ngqá ukuya emhlanganweni omkhulu kangaka. Konke kwakukusha kubo: ukuba sehhotela, ukuba phakathi kwezindimbane zabantu, ukuhlala phansi izinsuku ezintathu, ukubona ubhapathizo, ingasaphathwa-ke eyedrama. UDaniel waziphatha kanjani sonke lesi sikhathi? Wayengeve eyisibonelo.

NgoMsombuluko wangemva komhlangano sebebuyele ekhaya, uDaniel wavuka walungela ukuya enkulisa. Kodwa yini ayesayifake ebhantshini lakhe? Ibheji elibonisa ukuthi wayesemhlanganweni wesigodi! Unina wabe esemchazela: “Khehla, umhlangano usuphelile. Usungalikhipha ibheji.” Kodwa uDaniel wathi: “Ngifuna wonke umuntu azi ukuthi bengikuphi nokuthi ngifundeni.” Ngakho lonke lolo suku enkulisa wayelifakile lelo bheji futhi eziqhayisa ngalo. Lapho ofundisa enkulisa embuza ngalo, wamxoxela izinto ezishiwo emhlanganweni.

Ngokwenza kanjalo, uDaniel wayelingisa isibonelo sezinkulungwane zabafana namantombazane abaye badumisa uJehova obala phakathi namakhulu amaningi eminyaka.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela