“Kusukela Namuhla Ngiyakholwa Ukuthi UNkulunkulu Ukhona”
OWESIFAZANE othile wase-Ukraine ogama lakhe lingu-Alexandra, ohlala ePrague, eCzech Republic, wayeya ekhaya ephuma emsebenzini. Esiteshini samabhasi, wabona isikhwanyana phansi, esasilokhu sikhahlelwa abantu badlule. Lapho esicosha futhi esivula, akakukholwanga lokho akubona. Kwakucamelene imali yamaphepha engama-koruna angu-5 000! Akukho muntu owayebonakala ehamba efuna. Njengoba u-Alexandra ayeyisifiki kule ndawo yaseCzech Republic, ukuphila kwakunzima kuye. Wayezokwenze njani?
Lapho efika ekhaya, wabonisa indodakazi yakhe uVictoria lesi sikhwama. Basiphuthaza befuna igama nekheli lomnikazi kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya. Nokho, kulesi sikhwama kwakunesicucu sephepha sibhalwe izinombolo ezithile. Ngakolunye uhlangothi lwesicucu kwakunenombolo ye-akhawunti yasebhange, kanti ngakolunye kwakubhalwe nezinye izinombolo. Lesi sikhwama sasinaneziyalezo zendlela yokuya ebhange lendawo kwabe sekubhalwa nokuthi “330,000 koruny” (imali engaba ngu-R84 000). Yileyo mali kanye eyayikulesi sikhwama.
Imizamo ka-Alexandra yokushayela ibhange ucingo esebenzisa lokho okwakubonakala kuyizinombolo zocingo ayizange iphumelele. Ngakho, yena nendodakazi yakhe baya kuleli bhange, bafike bachaza okwakwenzekile. Babuza ngenombolo ye-akhawunti ababeyitholile. Nokho, ibhange lalingenayo leyo nombolo. Ngosuku olulandelayo, u-Alexandra wanikela khona futhi esephethe enye inombolo eyayitholakele khona esikhwameni. Nangempela leli bhange lalinalo ikhasimende lowesifazane owayenaleyo nombolo. O-Alexandra noVictoria bamthinta lona wesifazane, futhi waqinisekisa ukuthi wayelahlekelwe yileyo mali. Lapho ekugcineni behlangana, lona wesifazane wabonga wanconcoza wabe esebabuza ngomusa, “Nifuna malini ngokungitholisela?”
UVictoria waphendula: “Asikutholiseli ngamali. Ukube besiyifuna le mali, ngabe sayigcina.” Wachaza ebhidilisha ngesiCzech: “Sikubuyisela le mali ngoba singoFakazi BakaJehova. Unembeza wethu oqeqeshwe ngeBhayibheli awusivumeli ukuba sigcine lokho okungekona okwethu.” (Hebheru 13:18) Ejabule, lona wesifazane wathi, “Kusukela namuhla ngiyakholwa ukuthi uNkulunkulu ukhona.”