Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w06 7/15 k. 3
  • Uyini UMbuso KaNkulunkulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Sasiyini Isono Sokuqala?
    I-Phaphama!—2006
  • Kwakunjani Ukuphila EPharadesi?
    Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade
  • IPharadesi Liyalahleka
    IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?
  • Okwenza Ububi Buqhubeke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
w06 7/15 k. 3

Uyini UMbuso KaNkulunkulu?

YEKA inhlekelele eyehlela isintu ekuqaleni nje komlando waso! Ingelosi ethile yavukela igunya laLowo kanye oyidalile. Leli mbuka layenga owesifazane wokuqala, u-Eva, ukuba adle isithelo esinqatshelwe. Ibhekisele kulona wesifazane nakumyeni wakhe, u-Adamu, le ngelosi yathi: “Ngokuqinisekile ngeke nife. Yingoba uNkulunkulu uyazi ukuthi ngalo kanye usuku enidla ngalo kuwo nakanjani amehlo enu ayovuleka futhi nakanjani niyoba njengoNkulunkulu, nazi okuhle nokubi.” (Genesise 2:16, 17; 3:1-5) Le ngelosi evukelayo yabizwa ngokuthi uDeveli noSathane.—IsAmbulo 12:9.

Ingabe u-Eva wawalalela amazwi kaSathane? IBhayibheli liyasitshela: “Owesifazane wabona ukuthi umuthi wawukufanelekele ukudliwa nokuthi wawungokuthile okulangazelelekayo emehlweni, yebo, umuthi wawubukeka ufiseleka. Ngakho wathatha isithelo sawo wadla. Kamuva wanika nomyeni wakhe lapho esekanye naye, naye wadla.” (Genesise 3:6) Yebo, umbhangqwana wokuqala, u-Adamu no-Eva, bahlanganyela noSathane ekuvukeleni kwakhe. Ngenxa yalokho, bazilahlekisela iPharadesi bona nabantwana babo. Abantwana okwakufanele bazalwe bephelele benethuba lokuphila phakade base bezozuza isono nokufa njengefa.—Roma 5:12.

UJehova uNkulunkulu, iNkosi EnguMbusi wendawo yonke wenze njani? Wahlela ilungiselelo lokuthethelelwa kwezono. (Roma 5:8) UJehova uNkulunkulu wenza nelungiselelo likahulumeni owawuyosingatha lesi simo. Leli lungiselelo libizwa ngokuthi “umbuso kaNkulunkulu.” (Luka 21:31) Njengoba lo Mbuso umiswe njengombuso ongaphansi kobukhosi bukaNkulunkulu bendawo yonke, unenjongo ekhethekile.

Iyini injongo yoMbuso kaNkulunkulu? Ziyini ezinye zezici zawo futhi zihluke kanjani emibusweni yabantu? Wawuzoqala nini ukubusa? Le mibuzo izophendulwa esihlokweni esilandelayo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela