Ukuvakashelwa Okwangishintsha Ngokuphelele
“NGANGIMAGANGE ukutshela umkhaya wami ‘ngezingelosi’ ezimbili engazithunyelelwa uNkulunkulu.” Yilokho okwabhalwa indoda eyavakashelwa amantombazane amabili angoFakazi BakaJehova. Emasontweni ambalwa ngaphambi kokuba ivakashelwe, le ndoda yayishonelwe umkayo eyayisishade naye iminyaka engu-45. Yayikhungathekile. Abantwana bayo asebekhulile babeyiduduzile, kodwa bahlala kude nayo. Kwakungezanga noyedwa kubangane bayo noma omakhelwane ukuzoyiduduza.
“Mina noNkulunkulu asibona abangane,” kusho le ndoda kula mantombazane lapho eyivakashele. Nokho, aba nozwela futhi ayishiyela ipheshana elisekelwe eBhayibhelini elinesihloko esithi Liyini Ithemba Ngabathandekayo Bethu Abafile? Yalifunda ngalo lelo langa kusihlwa futhi yathola induduzo.
Ngemva kwezinsukwana la mantombazane amabili angamaKristu abuya. Ayekhumbula ukuthi yayidabuke kanjani le ndoda ngesikhathi eyivakashele okokuqala futhi manje eza ezoyibona ukuthi isinjani. Kamuva yabhala: “Kwangimangaza kakhulu ukuthi abantu ababili engingabazi nhlobo babengikhathalela futhi bezihlupha ukuze bazi ukuthi nginjani.” Amazwi abayifundela wona eBhayibhelini ayikhuthaza. La mantombazane athi azobuya futhi. Le ndoda yajabula futhi yashukumiseleka ukuba ibhale amazwi angenhla encwadini eyayithumela eHholo LoMbuso loFakazi BakaJehova endaweni yangakubo.
Ngaphambi kokuba ithuthele endaweni eseduze nalapho kuhlala khona omunye wabantwana bayo, le ndoda yaya emhlanganweni wobuKristu woFakazi BakaJehova futhi yadla nomkhaya wenye yala mantombazane. Yabhala: “Sengiyahamba kule ndawo, kodwa ngiyohlala ngiwakhumbula lawo mantombazane nesonto lenu futhi niyohlale nisemithandazweni yami. Impela, sengiyathandaza—futhi ngithandaza kakhulu. Sengishintshe ngokuphelele. Lawo mantombazane abe negalelo elikhulu kulokho, futhi ngiyohlale ngiwabonga.”