Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w06 6/15 k. 32
  • Ingabe Ithelevishini Ingumzanyana Omuhle?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ithelevishini Ingumzanyana Omuhle?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
w06 6/15 k. 32

Ingabe Ithelevishini Ingumzanyana Omuhle?

NGEZINYE izikhathi, kungase kubonakale kukuhle ukushiya abantwana bakho bezilibazisa ngokubuka ithelevishini kuyilapho wenza ezinye izinto. Kodwa lokhu kungabathonya kanjani abantwana bakho?

I-New York Times iyabika: “Umyalezo oqukethwe ithelevishini ungabathonya ngokomzwelo ngisho nabantwana abancane.” Ekuhloleni kwamuva nje, abantwana abanonyaka owodwa baboniswa uhlelo olufushane lwethelevishini lapho umdlali wesifazane ebonisa imizwelo ehlukahlukene lapho ebona ithoyizi. I-Times ithi: “Lapho lo mdlali ebonisa ukulesaba ithoyizi, abantwana babegwema ukudlala ngalo futhi babonakale bekhathazeka, baswace, bachiphize noma bakhale. Lapho elijabulela, izinsana zazithambekela kakhulu ekudlaleni ngaleli thoyizi.”

Kusobala ukuthi ithelevishini ingazithonya izinsana. Kuthiwani ngethonya elihlala isikhathi eside ezinganeni? UDkt. Naoki Kataoka, uprofesa wezifo zezingane waseKawasaki Medical College eKurashiki, eJapane, uye wabona izingane eziningi ezithule ngokwedlulele futhi ezinobuso obungabonisi ukuthi zizizwa kanjani. Zonke zazike zabuka i-TV noma ama-video isikhathi eside. Umfana oneminyaka emibili ubudala wayengakwazi ukuxoxa futhi azi amagama ambalwa kakhulu. Kusukela enonyaka owodwa ubudala, zonke izinsuku wayebuka ama-video kusukela ekuseni kuze kuhlwe. Waze wayeka ukuwabuka lapho unina elandela iseluleko sikadokotela sokuba aqale ukuchitha isikhathi bedlala futhi ulwazi lwalo mfana ngamagama lwanda kancane kancane. Yebo, abazali kumelwe benze izinto nabantwana babo.

UJehova uNkulunkulu, uMsunguli welungiselelo lomkhaya, wagcizelela ukubaluleka kokwenza izinto ndawonye ngendlela ezuzisa kunazo zonke. Endulo watshela abantu bakhe: “Kumelwe uwagxilise [amazwi kaNkulunkulu] kubantwana bakho futhi ukhulume ngawo lapho uhleli endlini yakho nalapho uhamba endleleni nalapho ulala nalapho uvuka.” (Duteronomi 6:7) Abazali, hhayi ithelevishini, abangayala abantwana ngendlela engcono kakhulu ngezwi nangesibonelo, ‘ngokwendlela ebafanele.’—IzAga 22:6.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela