Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w06 5/15 kk. 2-4
  • Iyini Injongo KaNkulunkulu Ngomhlaba?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Iyini Injongo KaNkulunkulu Ngomhlaba?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Iyini Injongo KaNkulunkulu Ngomhlaba?
    Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?
  • Likuphi Ipharadesi Okukhulunywa Ngalo EBhayibhelini?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • UJehova Uthembisa Ipharadesi
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Wadalelwa Ukuba Uphile EPharadesi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
w06 5/15 kk. 2-4

Iyini Injongo KaNkulunkulu Ngomhlaba?

KUNGANI ukujabulela ukuhambahamba epaki elinezimbali ezinuka kamnandi? Kungani uzizwa uvuselelekile lapho ubona ichibi elihle noma izintaba ezineziqongo ezithinta amafu? Kungani uzinika isikhathi ukuze ulalele izinyoni ezicula kamnandi phezulu ezihlahleni? Kungani kujabulisa ukubona inyamazane ejabule itshakadula noma umhlambi wezimvu uklabile edlelweni?

Yonke le mibuzo inempendulo eyodwa vó. Sadalelwa ukuba sihlale ePharadesi! Yilapho abazali bethu bokuqala, u-Adamu no-Eva, babehlala khona ekuqaleni. Sathola isifiso sokuhlala ePharadesi kubo, bona besithole kuMdali wabo, uJehova uNkulunkulu. Wayazi ukuthi sasiyojabula ePharadesi ngoba wasidala sinezimfanelo ezidingekayo ukuze silijabulele lelo khaya elimangalisayo lasemhlabeni.

Kungani uJehova adala umhlaba? “Wawubumba ukuze uhlalwe” isintu. (Isaya 45:18) “UMenzi womhlaba” wanika u-Adamu no-Eva ikhaya eliyiPharadesi elihle, insimu yase-Edene. (Jeremiya 10:12; Genesise 2:7-9, 15, 21, 22) Yeka indlela okumelwe ukuba yayibajabulisa ngayo imifula, izimbali nemithi eyayikule nsimu! Babebona izinyoni ezinhle esibhakabhakeni, izinhlobonhlobo zezilwane zizulazula ezweni—singekho nesisodwa kuzo esiyingozi kubo. Izinhlanzi nezinye izidalwa zazitshuza emanzini acwebile, ahlanzekile. Okuhle kunakho konke ukuthi u-Adamu no-Eva babendawonye. Babengazala abantwana abafana nabo futhi bandise ikhaya labo eliyiPharadesi ngokulihlanganyela ngenjabulo nomkhaya wabo okhulayo.

Nakuba umhlaba ungelona iPharadesi namuhla, ungafaniswa nekhaya elihle lomkhaya ojabulayo. Ikhaya lethu elingumhlaba esilinikwe uNkulunkulu linalokho esikudingayo—ukukhanya, ukushisa, amanzi nokudla. Yeka ukuthi sikwazisa kanjani ukukhanya nokushisa kwelanga kanye nokukhanya okungaxhophi kwenyanga ebusuku! (Genesise 1:14-18) Ekujuleni komhlaba kunezinto zokubasa ezinjengamalahle nowoyela. Sinamanzi ngenxa yomjikelezo wamanzi nesimiso somhlaba sokuwagcina njengemifula, amachibi nezilwandle. Umhlaba umbozwe nawukhaphethi, utshani obuluhlaza.

Njengoba nje ukudla kungase kugcinwe ekhaya, nomhlaba unenqolobane enkulu. Ngezilimo nezithelo ezisemasimini, uJehova ‘usinika izinkathi ezinezithelo futhi ugcwalisa izinhliziyo zethu ngokwenama okukhulu.’ (IzEnzo 14:16, 17) Njengoba umhlaba kakade uyikhaya elihle kangaka, cabanga ukuthi uyoba njani lapho ‘uNkulunkulu ojabulayo,’ uJehova, ewenza ube iPharadesi!—1 Thimothewu 1:11.

[Imithombo Yezithombe ekhasini 2]

COVER: Earth: NASA photo; Stars: NASA, ESA and AURA/Caltech

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela