Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w06 4/15 k. 32
  • Ilungelo Lokuba Negama

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ilungelo Lokuba Negama
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
w06 4/15 k. 32

Ilungelo Lokuba Negama

WONKE umuntu unelungelo lokuba negama. Ngisho noma usana olusanda kuzalwa lulahliwe futhi uyise nonina bengaziwa lwethiwa igama eTahiti. Ehhovisi lakwaNdabazabantu kwethiwa umntwana olahliwe igama futhi anikezwe nesibongo.

Nokho, kunomuntu ngandlela-thile oye wagodlelwa leli lungelo eliyisisekelo lokuba negama, ilungelo cishe wonke umuntu analo. Okumangazayo ukuthi lona “uBaba, eqanjwe ngaye yonke imindeni yasezulwini neyasemhlabeni”! (Efesu 3:14, 15) Empeleni, abantu abaningi bayenqaba ukusebenzisa igama loMdali njengoba livela eBhayibhelini. Bakhetha ukufaka esikhundleni salo iziqu ezinjengezithi “Nkulunkulu,” “Nkosi” noma “Simakade.” Lingubani-ke igama lakhe? Umhubi uyawuphendula lowo mbuzo: “Wena, ogama lakho linguJehova, wena wedwa ungoPhezukonke emhlabeni wonke.”—IHubo 83:18.

Engxenyeni yokuqala yekhulu le-19 lapho izithunywa zenkolo ze-London Missionary Society zifika eTahiti, abantu basePolynesia babekhulekela onkulunkulu abaningana. Yilowo nalowo wayenegama elimhlukanisayo, futhi onkulunkulu abayinhloko kwakungu-Oro no-Taaroa. Uma zihlukanisa uNkulunkulu weBhayibheli kwabanye, lezo zithunywa azizange zikungabaze ukusebenzisa igama likaNkulunkulu elaziwa kabanzi, elihunyushwe ngokuthi Iehova ngesiTahiti.

Lelo gama labe selaziwa kabanzi futhi lasetshenziswa enkulumweni yansuku zonke nalapho kubhalwa izincwadi. Inkosi yaseTahiti uPomare II, eyayibusa ekuqaleni kwekhulu le-19, yalisebenzisa ngokuphindaphindiwe lapho ibhalela abanye izincwadi. Ukuba yiqiniso kwalokhu kubonakala encwadini eboniswe lapha. Ibhalwe ngesiNgisi, futhi ichonywe eMnyuziyamu WaseTahiti naseziqhingini zakhona. Le ncwadi ifakazela ukuthi abantu babelisebenzisa ngokukhululekile igama likaNkulunkulu ngaleso sikhathi. Ngaphezu kwalokho, igama likaNkulunkulu livela izikhathi eziyizinkulungwane enguqulweni yokuqala yeBhayibheli lesiTahiti, eyaqedwa ngo-1835.

[Isithombe ekhasini 32]

INkosi uPomare II

[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]

King and letter: Collection du Musée de Tahiti et de ses Îles, Punaauia, Tahiti

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela