Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w06 4/1 k. 32
  • Ingabe UNkulunkulu Usabusa?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe UNkulunkulu Usabusa?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
w06 4/1 k. 32

Isimemo . . .

Ingabe UNkulunkulu Usabusa?

IZINHLEKELELE zemvelo, izifo ezibulalayo, inkohlakalo yabasezikhundleni eziphezulu, ukuhlasela kwamaphekula, izimpi nobugebengu. Kuyathukela kudlula usuku singazizwanga izindaba ezinje. Kungakhathaliseki ukuthi zike zakuthinta ngokuqondile lezi zinto noma cha, asikwazi ukungazibuzi ukuthi kazi leli zwe liphikelelephi, nokuthi izinto ziyoke zibe ngcono yini.

Ukuze kudingidwe lezi zinto ezisikhathazayo, emazweni angaphezu kwangu-200 emhlabeni wonke oFakazi BakaJehova bazoba nenkulumo yeningi efike ngesikhathi enesihloko esithi “Ingabe UNkulunkulu Usabusa?” Izokhuluma ngalokho uNkulunkulu akushoyo nakuthembisayo eZwini lakhe eliyiqiniso, iBhayibheli, ngokuqondene nale mibuzo ebalulekile:

Ingabe uNkulunkulu unesithakazelo ezindabeni zomhlaba?

Uzizwa kanjani ngesintu?

Ingabe unendaba ngenhlalakahle yakho?

Ezindaweni eziningi, le nkulumo izoba ngeSonto, ngo-April 30, 2006, eHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova. OFakazi endaweni yakini bazokujabulela ukukunikeza ikheli nesikhathi sale nkulumo.

Umenywa ngokufudumele ukuba ube khona kule nkulumo yamahhala ekhuthazayo esekelwe eBhayibhelini, ezokunikeza impendulo eyanelisayo yalo mbuzo othi: Ingabe UNkulunkulu Usabusa?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela