Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w06 2/15 k. 31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abashumayeli BoMbuso Bayisa Udaba Lwabo Enkantolo
    UMbuso KaNkulunkulu Uyabusa!
  • Ingabe IGehena Liyindawo Yokuhlushwa Emlilweni?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • INkantolo Ephakeme Isekela Inkululeko Yokukhuluma
    I-Phaphama!—2003
  • ‘Ukuvikela Izindaba Ezinhle Nokuzenza Ziqashelwe Ngokomthetho’
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
w06 2/15 k. 31

Imibuzo Evela Kubafundi

KuMathewu 5:22, uJesu wayexwayisa ngaziphi izinto ezintathu eziyingozi?

ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, uJesu Kristu waxwayisa abalandeli bakhe: “Ngithi kini wonke umuntu oqhubeka ethukuthelele umfowabo uyolandisa enkantolo yobulungisa; kodwa noma ubani obiza umfowabo ngezwi elingakhulumeki lokwedelela uyolandisa eNkantolo Ephakeme; kanti noma ubani othi, ‘Siwula-ndini!’ uyofanelwa iGehena lomlilo.”—Mathewu 5:22.

UJesu wakhuluma ngezinto amaJuda ayezijwayele—inkantolo yobulungisa, iNkantolo Ephakeme neGehena lomlilo—ukuze abonise ubukhulu obushiyanayo bezijeziso zezono.

Into yokuqala uJesu ayisho ukuthi wonke umuntu oqhubeka ethukuthelele umfowabo uyolandisa “enkantolo yobulungisa,” inkantolo yendawo. Ngokwenkambiso, lezi zinkantolo zaziba semizini enabantu besilisa abadala abangu-120 noma ngaphezulu. (Mathewu 10:17; Marku 13:9) Abahluleli bakulezi zinkantolo babenegunya lokukhipha isahlulelo, ngisho nasemacaleni okubulala. (Duteronomi 16:18; 19:12; 21:1, 2) Ngakho, uJesu wayebonisa ukuthi umuntu oqhubeka ethukuthelele umfowabo wenza isono esingathí sina.

UJesu wabe esethi umuntu “obiza umfowabo ngezwi elingakhulumeki lokwedelela uyolandisa eNkantolo Ephakeme.” Igama lesiGreki elithi rha·kaʹ elihunyushwe ngokuthi ‘izwi elingakhulumeki lokwedelela,’ lisho “ubuwula” noma “ukungabi nangqondo.” Ngokwe-New Thayer’s Greek-English Lexicon of the New Testament, lelo gama “lalisetshenziswa amaJuda ngesikhathi sikaKristu lapho ebonisa indelelo.” Ngakho, uJesu wayexwayisa ngokuthi kuyinto engathí sina kakhulu ukuzonda umfowenu uze umbize ngamagama endelelo. Empeleni uJesu wayethi umuntu obiza abanye ngamagama anjalo uyokwahlulelwa, hhayi enkantolo yendawo, kodwa eNkantolo Ephakeme, phambi kweSanhedrini iphelele—indikimba yabahluleli eseJerusalema eyakhiwa umpristi ophakeme namadoda amadala nababhali abangu-70.—Marku 15:1.

Ekugcineni uJesu wachaza ukuthi uma umuntu ethi kumfowabo, “Siwula-ndini!” uyofanelwa iGehena lomlilo. Igama elithi “Gehena” liphuma kwawesiHebheru athi geh hin·nomʹ, asho ukuthi “isigodi sikaHinomi,” esasisentshonalanga naseningizimu yeJerusalema lasendulo. Osukwini lukaJesu, leso sigodi sasiyindawo yokushisa udoti, kuhlanganise nezidumbu zezigelekeqe ezazibhekwa njengezingakufanelekeli ukungcwatshwa ngendlela ehloniphekile. Ngakho igama elithi “Gehena” lalifanelana kahle nokubhujiswa ngokuphelele.

Yayisho ukuthini-ke inkulumo ethi “Siwula-ndini”? Igama elisetshenziswe lapha lalizwakala lifana nelesiHebheru elisho “ukuvukela,” noma “imbuka.” Lisho ukuthi umuntu uyisidwedwe nje, uhlubuka uNkulunkulu. Ngakho umuntu othi kumfowabo “Siwula-ndini” kufana nokuthi uthi umfowabo kufanele athole isijeziso esifana nesingatholwa isihlubuki esihlubuka uNkulunkulu, abhujiswe phakade. Ngokombono kaNkulunkulu, umuntu osho kumfowabo amazwi amabi njengalawa uyobe kwayena ufanelwe isahlulelo esinzima—ukubhujiswa phakade.—Duteronomi 19:17-19.

Ngakho-ke uJesu wayebekela abalandeli bakhe indinganiso ephakeme kunaleyo esesimisweni soMthetho KaMose. Nakuba abantu babekholelwa ukuthi umbulali ‘wayeyolandisa enkantolo yobulungisa,’ uJesu wenaba nakakhulu. Wafundisa ukuthi abalandeli bakhe kufanele bagweme ngisho nokubambela abafowabo amagqubu.—Mathewu 5:21, 22.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela