Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w06 1/1 k. 32
  • Baqale Babazonda, Kamuva Babathanda

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Baqale Babazonda, Kamuva Babathanda
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
w06 1/1 k. 32

Baqale Babazonda, Kamuva Babathanda

EMINYAKENI embalwa edlule, uSantiago nomkakhe, uLourdes, bathuthela edolobheni elihle iHuillcapata, ePeru, ukuze bayohlanganyela nabantu bakuleyo ndawo isigijimi sethemba esitholakala eBhayibhelini. Nokho, kungakabiphi kwafika umfundisi owayevela eCuzco futhi waqoqela ndawonye izakhamuzi zaleli dolobha. Lo mfundisi wazixwayisa ngokuthi ukuba khona koFakazi BakaJehova kwakuzoletha isishayo esibulalayo nokukhithika okukhulu okwakuzobulala izinkomo kubhubhise nezilimo.

Abaningi basikholelwa lesi “siprofetho,” kwaphela isikhathi esingaphezu kwengxenye yonyaka kungekho muntu kulelo dolobha ovumayo ukufundelwa iBhayibheli uSantiago noLourdes. Isikhulu sedolobha uMiguel, esingumphathi obekwe umbuso, sajaha uSantiago noLourdes emgwaqweni, sibajikijela ngamatshe. Kodwa njalo babeziphatha ngokuthula, ngendlela yobuKristu.

Ngokuhamba kwesikhathi, abathile kulelo dolobha bamukela isifundo seBhayibheli. Ngisho noMiguel washintsha isimo sakhe sengqondo. Waqala ukufunda noSantiago, wayeka ukuphuza ngokweqile waba umuntu onokuthula. Ekugcineni uMiguel, umkakhe namadodakazi akhe amabili balamukela iqiniso leBhayibheli.

Namuhla, kunebandla loFakazi BakaJehova elichumayo kuleli dolobha. UMiguel uyajabula ukuthi iningi lamatshe ajikijela ngawo uSantiago noLourdes labageja, futhi uyawazisa lo mbhangqwana ngesibonelo sawo esihle sokuba nokuthula.

[Izithombe ekhasini 32]

Isimo sengqondo sokuba nokuthula sikaSantiago noLourdes (ngenhla) sabangela ukuba uMiguel (ongakwesokudla) ashintshe

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela