Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w05 12/15 kk. 17-18
  • Ukusiza Abantu Abakhuluma IsiShayina EMexico

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukusiza Abantu Abakhuluma IsiShayina EMexico
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
w05 12/15 kk. 17-18

Ukusiza Abantu Abakhuluma IsiShayina EMexico

“AMADODA ayishumi avela kuzo zonke izilimi zezizwe [ayobamba], yebo, impela abambe umphetho wengubo yendoda engumJuda, athi: ‘Sizohamba nani, ngoba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.’” (Zakariya 8:23) Namuhla, lesi siprofetho esimangalisayo sigcwaliseka kuwo wonke umhlaba. Abantu ‘abavela kuzo zonke izilimi zezizwe’ babamba ingubo yama-Israyeli angokomoya ukuze bakhulekele uJehova uNkulunkulu. OFakazi BakaJehova banesithakazelo esiqotho ekugcwalisekeni kwalesi siprofetho. Abaningi kubo bafunda olunye ulimi ukuze bahlanganyele emsebenzini wokushumayela owenziwa emhlabeni wonke.

OFakazi BakaJehova eMexico benza okufanayo. Kulinganiselwa ukuthi kunabantu abakhuluma isiShayina abangu-30 000 abahlala eMexico. Ngo-2003, abangu-15 kubo baba khona eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu esasiseMexico City. Ngakho, oFakazi eMexico baqaphela ukuthi kunamathuba okwanda ngokomoya ensimini yabantu abakhuluma isiShayina. Ukuze kube nabamemezeli abengeziwe abazonakekela la bantu abakhuluma isiShayina, kwamiswa ikilasi elalizoqhutshwa izinyanga ezintathu elalizofundisa oFakazi baseMexico izintshumayelo ezilula ngesiShayina okuthiwa isiMandarin. Sebebonke oFakazi abafunda kuleli kilasi bangu-25. Ekupheleni kwalo, isikhulu sasemphakathini okhuluma isiMandarin eMexico City saba khona ngesikhathi bethweswa iziqu, okubonisa umphumela omuhle leli kilasi elibe nawo kubantu abakhuluma isiMandarin. Isikhungo sendawo samaShayina sanikeza abafundi abathathu umfundaze wokuya kwamanye amazwe ukuze bathuthukise ulimi lwabo lwesiShayina.

Le mfundo yolimi yayihilela ukuqeqeshwa okungokoqobo. Ngemva kokufunda imisho ethile eyisisekelo, ngokushesha abafundi baqala ukushumayela ngesiShayina endaweni yamabhizinisi eMexico City. La bafundi abashisekayo baqala izifundo zeBhayibheli ezingu-21. Incwajana yesiShayina ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? ebhalwe ngezinhlamvu ezivamile, esibizwa ngokuthi isiPinyin, yaba usizo kakhulu.

OFakazi ababesanda kuqala nje ukufunda isiShayina babeziqhuba kanjani izifundo zeBhayibheli? Ekuqaleni, ukuphela kwezinto ababekwazi ukuzisho ukuthi, “Qing Du [Sicela ufunde lapha]” bambonise isigaba bese bembonisa nombuzo. Ngemva kokuba umuntu esefundile futhi waphendula ngesiShayina, babethi “Shei shei [Siyabonga]” baphinde bathi, “Hen Hao [Kuhle kakhulu].”

Saqalwa kanjalo esinye isifundo seBhayibheli nowesifazane owayethi ungumKristu. Ngemva kwesifundo sesithathu, uFakazi wazibuza ukuthi engabe lona wesifazane wayekuqonda ngempela yini lokho ababekufunda. Ngakho lo Fakazi wahamba nomzalwane olimi lwakhe aluncela kuyisiShayina. Ngesikhathi lo mzalwane ebuza lona wesifazane ukuthi kukhona yini inkinga ayenayo, owesifazane wabuza: “Ukuze ngibhapathizwe, ingabe kudingeka ngikwazi ukubhukuda?”

Ngokushesha, kwamiswa iqembu leSifundo Sencwadi Sebandla ngokwesilinganiso esasiba nabantu abangu-9 abakhuluma isiShayina noFakazi bendawo abangu-23. Kulabo ababeba khona kwakunodokotela ongumShayina owayenikezwa esinye seziguli zakhe omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! ngeSpanishi. Njengoba ayengakwazi ukufunda iSpanishi, wayecela othile ukuba amhumushele imisho embalwa. Eqaphela ukuthi lab’ omagazini bakhuluma ngeBhayibheli, wacela lesi siguli ukuba simtholele omagazini ngesiShayina. Samphathela, futhi ngosizo lwehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eMexico, kwenziwa amalungiselelo okuba uFakazi okhuluma isiShayina amvakashele. Unina eChina wayeneBhayibheli, futhi lo dokotela wayekujabulela ukulifunda. Ngesikhathi enquma ukuya eMexico, unina wamtshela ukuthi angayeki ukufunda iBhayibheli. Ngakho wayelokhu ethandazela ukuba othile azomsiza ukuze afunde okwengeziwe ngoNkulunkulu waseBhayibhelini. Wababaza: “UNkulunkulu uwuzwile umthandazo wami!”

Abanye ababeba khona esifundweni sencwadi kwakuwumkhaya okhuluma isiShayina owawuqashe kowesifazane waseMexico owayefunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Nakuba lo mkhaya wawusazi kancane iSpanishi, wawuhlala ulalele ngesikhathi kuxoxwa ngeBhayibheli. Ngokuhamba kwesikhathi, lo mkhaya wabuza lo Fakazi owayeqhuba isifundo ukuthi unazo yini izincwadi zesiShayina. Ngokushesha kwaqalwa isifundo seBhayibheli nalo mkhaya. Kungakabiphi, lo mkhaya waveza isifiso sawo sokuba ushumayele kubantu abadabuka ezweni lakubo, unikezele nokuphila kwawo kuJehova.

Kuyiqiniso ukuthi ukufunda isiShayina kunzima. Nokho, njengoba sibonile kulokhu okuhlangenwe nakho okwandulele, ngosizo lukaJehova abantu abakhuluma izilimi eziningi, kuhlanganise nabakhuluma isiShayina, bafunda ngentando kaNkulunkulu eMexico, nakwezinye izingxenye zomhlaba.

[Isithombe ekhasini 17]

Ikilasi lolimi lwesiShayina eMexico City

[Isithombe ekhasini 18]

UFakazi waseMexico uqhuba isifundo seBhayibheli ngesiShayina

[Isithombe ekhasini 18]

Ukwenza inkonzo yendlu ngendlu ngesiShayina, eMexico City

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela