Good News for People of All Nations
INCWAJANA engenhla yakhululwa eMihlanganweni Yesigodi YoFakazi BakaJehova eyayinesihloko esithi “Hambani NoNkulunkulu” eyaqhutshwa ngo-2004 kuya ku-2005. Olunye uhlelo lwale ncwajana lunamakhasi angu-96 anomyalezo omfushane ngezilimi ezingu-92, kusukela olimini lwesi-Acholi kuya kolwesiZulu, futhi iklanyelwe ukusiza ekusakazeni izindaba ezinhle zoMbuso kubantu abaningi ngangokunokwenzeka. (Mathewu 24:14) Ngezansi kunezibonelo zalokho okwenzekayo lapho kusetshenziswa le ncwajana.
• Ngemva kokuthola le ncwajana emhlanganweni wesigodi, umkhaya othile ongoFakazi wathatha uhambo lokuyoshaywa umoya eziqiwini ezintathu zendawo. Kulezo ziqiwu wahlangana nabantu abavela eNdiya, eNetherlands, ePakistan nasePhilippines. Nakhu okushiwo umyeni: “Nakuba bonke laba bantu babesibhidilisha isiNgisi, bajabula lapho sibabonisa umyalezo weBhayibheli ngolimi lwabo njengoba babekude kangaka nasemakhaya. Kwabacacela ukuthi umsebenzi wethu wenziwa emhlabeni wonke nokuthi senza izinto sinobunye.”
• UFakazi othile wabonisa umuntu waseNdiya asebenza naye le ncwajana. Wajabula ukubona zonke izilimi ezikuyo futhi wafunda umyalezo obhalwe ngolimi lwakhe. Lokhu kwaholela ezingxoxweni zeBhayibheli eziningi. Esinye isisebenzi esivela ePhilippines samangala lapho sithola ulimi lwaso kule ncwajana futhi safuna ukwazi okwengeziwe ngoFakazi BakaJehova.
• ECanada, intokazi evela eNepal yavuma ukufunda iBhayibheli noFakazi othile ngocingo kodwa yayinqikaza ukuvumela lo dade eze kwayo. Nokho, lapho lo Fakazi etshela le ntokazi ngomyalezo okule ncwajana obhalwe ngesiNepali, yacela lo dade ngelikhulu isasasa ukuba ayivakashele kwayo. Yayifuna ukuzibonela ngawayo lo myalezo okuthiwa ubhalwe ngolimi lwayo! Kusukela ngaleso sikhathi, isifundo sayo seBhayibheli siqhutshelwa emzini wayo.