Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w05 9/1 k. 27
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Bonisa Ukholo Oluholela Ekuphileni Okuphakade
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Ungaphila Phakade
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Ingabe Abafileyo Bayaphila? Lokho UNkulunkulu Akushoyo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Amaphuzu Avelele Encwadi YabaseThesalonika NekaThimothewu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
w05 9/1 k. 27

Imibuzo Evela Kubafundi

Kusekelwe kuphi ukuthi inkulumo ethi “okunguye yedwa onokungafi” nethi lowo “okungekho noyedwa umuntu ombonile noma ongambona” zibhekisela kuJesu hhayi kuJehova uNkulunkulu?

Umphostoli uPawulu wabhala: “Lokhu kubonakaliswa kuyoboniswa nguMbusi Onamandla ojabulayo nowukuphela kwakhe ngezikhathi zako ezimisiwe, yena oyiNkosi yalabo ababusa njengamakhosi noMbusi walabo ababusa njengababusi, okunguye yedwa onokungafi, ohlala ekukhanyeni ongenakusondela kuko, okungekho noyedwa umuntu ombonile noma ongambona.”—1 Thimothewu 6:15, 16.

Abahlaziyi beBhayibheli bavame ukucabanga: ‘Kungenzeka kanjani nje ukuba izinkulumo ezithi “okunguye yedwa onokungafi,” “uMbusi Onamandla,” nethi lowo “okungekho noyedwa umuntu ombonile noma ongambona” zibhekisele komunye umuntu ngaphandle koMninimandla onke?’ Kuyavunywa, izinkulumo ezinjengalezi zingasetshenziswa lapho kuchazwa uJehova. Nokho, umongo ubonisa ukuthi kule ncwadi yoku-1 Thimothewu 6:15, 16, uPawulu wayekhuluma ngoJesu ngokukhethekile.

Ekupheleni kwevesi 14, uPawulu ukhuluma ‘ngokubonakaliswa kweNkosi yethu uJesu Kristu.’ (1 Thimothewu 6:14) Ngakho, lapho uPawulu ebhala evesini 15 ukuthi “lokhu kubonakaliswa kuyoboniswa nguMbusi Onamandla ojabulayo nowukuphela kwakhe ngezikhathi zako ezimisiwe,” wayebhekisele ekubonakalisweni kukaJesu, hhayi kukaJehova uNkulunkulu. Pho-ke, ubani ‘uMbusi Onamandla owukuphela kwakhe’? Kubonakala kunengqondo ukuphetha ngokuthi uJesu uyilo Mbusi Onamandla uPawulu akhuluma ngaye. Ngani? Ngoba umongo ukwenza kucace ukuthi uPawulu uqhathanisa uJesu nababusi abangabantu. Njengoba nje uPawulu abhala, uJesu ngempela ‘uyiNkosi yalabo bantu ababusa njengamakhosi noMbusi walabo bantu ababusa njengababusi.’a Yebo, uma uJesu eqhathaniswa nabo, ‘unguMbusi Onamandla owukuphela kwakhe.’ UJesu uye wanikezwa “ububusi nesithunzi nombuso, ukuze zonke izizwe, amaqembu ezizwe nezilimi zimkhonze.” (Daniyeli 7:14) Akekho umbusi onamandla ongumuntu ongathi unikezwe igunya elingaka!

Kuthiwani-ke ngenkulumo ethi “okunguye yedwa onokungafi”? Nalapha, kusaqhathaniswa uJesu namakhosi angabantu. Abekho ababusi basemhlabeni abangathi banikwe ukungafi, kodwa uJesu yena angasho. UPawulu wabhala: “Siyazi ukuthi uKristu, njengoba esevusiwe kwabafileyo, akasafi; ukufa akuseyona inkosi phezu kwakhe.” (Roma 6:9) Ngakho, uJesu ungowokuqala ukuba achazwe eBhayibhelini njengothola isipho sokungafi. Yebo, ngesikhathi uPawulu ebhala la mazwi, uJesu wayewukuphela komuntu owayenikwe ukungafi.

Kufanele sikhumbule nokuthi uPawulu wayeyobe engakhulumi iqiniso ukube wayethi nguJehova uNkulunkulu kuphela ongenakufa, ngoba noJesu wayengongasenakufa ngesikhathi uPawulu ebhala la mazwi. Kodwa uPawulu wayengasho athi nguJesu kuphela ongenakufa lapho eqhathaniswa nababusi basemhlabeni.

Ngaphezu kwalokho, kuyiqiniso impela ukuthi ngemva kokuba uJesu evusiwe futhi wenyukela ezulwini, wayengase achazwe ngokuthi ‘akekho noyedwa umuntu ombonile noma ongambona.’ Kuyiqiniso ukuthi abafundi bakhe abagcotshiwe bayombona uJesu lapho sebevuselwe ezulwini njengezidalwa zomoya. (Johane 17:24) Kodwa akekho umuntu emhlabeni ongabona uJesu esimweni senkazimulo akuso. Ngakho, kungashiwo ngakhona ukuthi selokhu uJesu avuka futhi wenyukela ezulwini, ‘akekho noyedwa umuntu’ ombonile ngempela.

Kuyiqiniso ukuthi lapho umuntu ewukha phezulu lo mBhalo, kungase kuzwakale sengathi izincazelo ezikweyoku-1 Thimothewu 6:15, 16 zichaza uNkulunkulu. Kodwa umongo wamazwi kaPawulu—kuhlanganise nobufakazi obukweminye imiBhalo—ubonisa ukuthi uPawulu wayekhuluma ngoJesu.

[Umbhalo waphansi]

a Kunezinkulumo ezifanayo ezibhekisela kuJesu kweyoku-1 Korinte 8:5, 6; IsAmbulo 17:12, 14; 19:16.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela