IBhayibheli Lokuqala LesiJalimane Linegama LikaNkulunkulu
IGAMA likaNkulunkulu elithi Jehova, livela izikhathi eziyizinkulungwane eziningi kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele, eyanyatheliswa ngesiJalimane ngo-1971.a Nokho, leli kwakungelona iBhayibheli lokuqala lesiJalimane elinegama likaNkulunkulu. Kubonakala sengathi iBhayibheli lokuqala lesiJalimane elinegama likaJehova lanyatheliswa eminyakeni ecishe ibe ngu-500 edlule linyatheliswa uJohann Eck, isazi esivelele semfundiso yenkolo yamaRoma Katolika.
UJohann Eck wazalwa ngo-1486 eningizimu yeJalimane. Lapho eneminyaka engu-24 ubudala wayesenguprofesa wemfundiso yenkolo eyunivesithi yase-Ingolstadt. Waba uprofesa kwaze kwaba sekufeni kwakhe ngo-1543. U-Eck waphila ngesikhathi esifanayo noMartin Luther, futhi bake baba abangane isikhashana. Nokho, uLuther waba umholi weNguquko, kanti u-Eck yena waba umlweli weSonto LamaKatolika.
Umbusi waseBavaria wanika u-Eck umsebenzi wokuhumusha iBhayibheli ngesiJalimane, futhi le nguqulo yanyatheliswa ngo-1537. Ngokwe-Kirchliches Handlexikon, lapho ehumusha, wanamathela kakhulu emibhalweni yokuqala futhi inguqulo yakhe “kufanele ihlonishwe ngaphezu kwendlela ehlonishwa ngayo manje.” U-Eck wahumusha u-Eksodusi 6:3 kanje: “NgiyiNkosi eyabonakala ku-Abrama, ku-Isaka, nakuJakobe njengoNkulunkulu uMninimandla onke: futhi igama lami elithi Adonai angibembulelanga lona.” U-Eck wanezela nombhalo oseceleni kuleli vesi: “Igama elithi Adonai Jehoua.” Izazi zeBhayibheli eziningi zikholelwa ukuthi kwakuqala ngqa ukuba kube negama likaNkulunkulu eBhayibhelini lesiJalimane.
Nokho, sekuyizinkulungwane zeminyaka igama likaNkulunkulu laziwa futhi lisetshenziswa. Laqala ukuvela ezincwadini zesiHebheru lapho kusetshenziswe khona igama elithi “Jehova” ukuze kuchazwe lowo owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso. (Duteronomi 6:4) Eminyakeni ecishe ibe ngu-2 000 edlule, amazwi kaJesu athi wayebazisile abantu igama likaNkulunkulu alotshwa ngolimi lwesiGreki. (Johane 17:6) Kusukela ngaleso sikhathi, lelo gama liye lavela ngezilimi eziningi, futhi maduze, kuzogcwaliseka iHubo 83:18 lapho bonke abantu beyokwazi khona ukuthi lowo ogama lakhe linguJehova ungoPhezukonke emhlabeni wonke.
[Umbhalo waphansi]
a Inyatheliswa oFakazi BakaJehova. Yanyatheliswa okokuqala ngesiNgisi ngo-1961. Manje isitholakala iphelele noma iyingxenye ngezilimi ezingaphezu kuka-50.
[Isithombe ekhasini 32]
Inguqulo yango-1558 yeBhayibheli lika-Eck, nesikhombo esiseceleni segama likaJehova ku-Eksodusi 6:3