Bayalithakasela Isasasa Esinalo NgeBhayibheli
UMARIANNA, ongomunye woFakazi BakaJehova eningizimu ye-Italy, uneminyaka engu-18 ubudala futhi usebangeni lokugcina esikoleni esiphakeme. Ufunda nabanye oFakazi abasebasha esikoleni.
UMarianna uyabhala: “Sekuyiminyaka embalwa manje abanye bethu befunda incwadi ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke njalo ngesikhathi sekhefu. Le ncwadi iba nevesi leBhayibheli elihlelelwe ukufundwa ngalolo suku. Ekuqaleni, ukuphela kwendawo esasingalifundela kuyo kwakusephasishi eliseduze negumbi lothisha. Kwakuba nomsindo. Iningi lothisha lalisibona lapho lidlula, futhi abanye bame ukuze babone ukuthi senzani. Lokhu kuye kwasinika ithuba lokuphendula imibuzo yabo. Ngokwesilinganiso, kwakuma uthisha oyedwa nsuku zonke. Abaningana baye bahlala balalela ingxoxo yethu yomBhalo weBhayibheli futhi baye babonisa ukuthi bayalithakasela isasasa thina boFakazi esinalo ezintweni eziphathelene noNkulunkulu. Isekela likathishanhloko lake lasimema ukuba sibe nengxoxo yethu egumbini lothisha.
“Esebonile lapho sasizenzela khona izingxoxo zeBhayibheli, uthisha wami wacela uthishanhloko ukuba sizenzele kwelinye lamakilasi lezi zingxoxo, lapho kwakuthule khona. Uthishanhloko wavuma, futhi uthisha wami wasincoma phambi kwalo lonke ikilasi ngenxa yesibonelo esihle esisibekayo. Sonke siyajabula ngelungelo elikhulu uJehova asinike lona.”