Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w05 8/15 k. 30
  • “Ngabe Bakhululwa Ngokushesha”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ngabe Bakhululwa Ngokushesha”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
w05 8/15 k. 30

“Ngabe Bakhululwa Ngokushesha”

UGENEVIÈVE DE GAULLE, indodakazi yomfowabo kaCharles de Gaulle, owayengumongameli waseFrance, waqala ukwazi oFakazi BakaJehova ekamu lokuhlushwa lamaNazi elaliseRavensbrück, enyakatho yeJalimane. Ngo-August 1945 wabhala incwadi enamazwi angenhla.

Abantu ababesekamu lokuhlushwa lase-Auschwitz, ePoland, bakhululwa ngo-January 27, 1945. Kusukela ngo-1996 kuze kube manje, eJalimane lolu suku luwusuku lokukhumbula izisulu zombuso kaHitler.

Phakathi nenkulumo engokomthetho yesikhumbuzo eyayingo-January 27, 2003, umongameli wePhalamende LoMbuso laseBaden-Württemberg, uPeter Straub, wathi: “Bonke labo abashushiswa ngenxa yenkolo yabo noma ngenxa yezombusazwe futhi ababezimisele ukufa kunokuba bazithobe [ekubuseni kukaHitler] kufanele sibahloniphe kakhulu, okuyinto okunzima ukuyiveza ngamazwi. OFakazi BakaJehova yiyona kuphela inkolo eyenqaba ngokuphelele ukuvuma okwakufunwa umbuso kaHitler: Abazange baziphakamise izandla zabo ukuze bashayele uHitler indesheni. Benqaba ukufunga ‘uMholi noMbuso,’ njengoba nje benqaba ukubuthelwa impi nokwenza inkonzo yezisebenzi. Nezingane zabo azizange zijoyine inhlangano i-Hitler Youth.”

UJesu Kristu wathi ngabalandeli bakhe: “Abayona ingxenye yezwe, njengoba nje nami ngingeyona ingxenye yezwe.” (Johane 17:16) Ngakho, ukuma koFakazi BakaJehova kwakungenxa yenkolo yabo. UStraub waqhubeka: “OFakazi BakaJehova, okwakumelwe bafake unxantathu onsomi ezingutsheni zabo lapho beyiziboshwa zasekamu lokuhlushwa, kwakuyibo kuphela ababengazikhulula. Kwakudingeka nje basayine ifomu elithi bayalulahla ukholo lwabo.”

Ukulahla ukholo kwakuyinto oFakazi abaningi ababengeke bayenze. Ngenxa yalokho, kwafa abangaba ngu-1 200 phakathi nokubusa kwamaNazi. Kwabulawa abangu-270 abenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza. Abagcinanga nje ngokusho ngomlomo kodwa bawagcwalisa amazwi athi: “Kumelwe silalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu.”—IzEnzo 5:29.

OFakazi BakaJehova kwakungebona abantu abangavamile, njengoba kwaphawula u-Ulrich Schmidt, umongameli wePhalamende LoMbuso laseNyakatho Rhine-Westphalia. Ibhekisela enkulumweni yakhe, incwajana ethi Landtag Intern yababiza ngokuthi “abantu abavamile, abalalela unembeza wabo, bazimelela ngokuqinile izinkolelo zabo, babonisa isibindi njengezakhamuzi, futhi bamelana nombono wamaNazi ngenxa yokuqiniseka njengamaKristu.” Singaqiniseka ngokuthi uJehova uNkulunkulu uyajabula ngabo bonke abanamathela kuye ngobuqotho naphezu kwezimo ezinzima. Encwadini yezAga 27:11 siyafunda: “Hlakanipha, ndodana yami, wenze inhliziyo yami ijabule, ukuze ngimphendule ongiklolodelayo.”

[Umthombo Wesithombe ekhasini 30]

Courtesy of United States Holocaust Memorial Museum

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela