Uhambo Olude Luyavuzwa
IZINTOKAZI zandawonye ezimbili zaseDemocratic Republic of Congo zanquma ukuthatha uhambo olude zanqamula izindawo ezikhungethwe impi ukuze zibe seMhlanganweni Wesigodi ‘Wokukhazimulisa UNkulunkulu’ eLisala. Zazingalangazeleli imfundo engokomoya nobudlelwane bobuKristu kuphela, kodwa zazibheke phambili nasekuboneni abameleli abavela ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eKinshasa. Ngenxa yempi yombango, kwase kudlule iminyaka zingaboni muntu wasegatsheni, futhi manje zazifuna ukusebenzisa leli thuba ukuze zibabone.
Zihamba ngesikebhe esenziwe ngezingodo, lezi zintombi zasuka endaweni yakubo eBasankusu zaya eLisala, okuwuhambo olungamakhilomitha angu-300 oluhlanganisa ukudabula ehlathini nokuhamba emifuleni emibili. Lolu hambo lwathatha amasonto amathathu. Njengoba zombili zisenkonzweni yesikhathi esigcwele, enye isikhonze iminyaka emithathu enye engu-19, zasebenzisa leli thuba lokuba sendleleni ukuba zisakaze izindaba ezinhle zoMbuso. Zachitha amahora angu-110 zishumayeza abantu ezazihlangana nabo futhi zahambisa amapheshana angu-200 nomagazini abangu-30.
Njengoba zazithubeleza emfuleni kwakudingeka zixwaye izimvubu nezingwenya, ngoba zivamile kule ndawo, ngakho lezi zintokazi zazingenakulokotha zibe semfuleni ebusuku! Zadlula nezivimba-mgwaqo eziningi zamasosha.
Nakuba lolu hambo lwalulude kakhulu futhi lukhathaza, zajabula ngokuthi zanquma ukuluthatha lolu hambo. Zombili zakujabulela kakhulu ukuba kulowo mhlangano wesigodi eLisala. Intshiseko yazo ngeqiniso yavuseleleka ezinhliziyweni zazo futhi kwazikhuthaza ukuba kanye nezindimbane zabafowethu nodadewethu abangu-7 000 ababekhona. Ngemva komhlangano, kwaba yiso leso sezibuyela ekhaya, futhi zathola abasekhaya besaphila.