“Abazange Bahlehle”
UJESU KRISTU watshela abafundi bakhe: “Niyajabula lapho abantu benihlambalaza, benishushisa futhi besho yonke inhlobo yento embi ngani, beniqambela amanga ngenxa yami.” (Mathewu 5:11) Belalela izimfundiso zikaKristu futhi belingisa isibonelo sakhe, oFakazi BakaJehova namuhla bayajabula ngenxa yokuthi bahlala “bengeyona ingxenye yezwe,” bengathathi hlangothi kwezombusazwe futhi bagcina ubuqotho kuNkulunkulu ngaphansi kwazo zonke izimo.—Johane 17:14; Mathewu 4:8-10.
Maqondana nokuma koFakazi BakaJehova kokungahlehli ezweni elaliyiSoviet Union nase-Estonia, isazi semfundiso yenkolo esingumLuthela nomhumushi weBhayibheli uToomas Paul sabhala lokhu encwadini yaso ethi Kirik keset küla (ISonto Elisenkabeni Yedolobhana): “Bambalwa kakhulu abake bezwa ngalokho okwenzeka ekuseni ngo-April 1, 1951. Kwakuhlelwe umkhankaso wokuxosha oFakazi BakaJehova kanye nabo bonke abahlanganyela nabo—sebebonke abantu ababoshwa futhi badingiselwa eSiberia bangu-279 . . . Ukuze bangadingiswa noma baboshwe banikezwa ithuba lokusayina ifomu elibonisa ukuthi balahla ukholo lwabo. . . . Sekuhlangene nalabo ababoshwa kuqala, babengu-353, kuhlanganise nabangu-171 ababehlanganyela emabandleni abo. Ngisho naseSiberia abazange bahlehle. . . . Awamaningi amalungu eSonto [LamaLuthela Lase-Estonia] ayenokholo olufana noloFakazi BakaJehova.”
OFakazi BakaJehova kuwo wonke umhlaba bathembela kuNkulunkulu ukuze abasize bahlale bethembekile futhi bemlalela naphezu koshushiso. Bayajabula ngokwazi ukuthi umvuzo wokwethembeka kwabo mkhulu.—Mathewu 5:12.