Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w05 7/1 k. 27
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ULevitikusi—Ubizo Ekukhulekelweni Okungcwele KukaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Lokho ULevitikusi Asifundisa Kona Ngokuphatha Abanye
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2021
  • Incwadi YeBhayibheli Yesi-3—ULevitikusi
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
w05 7/1 k. 27

Imibuzo Evela Kubafundi

UDuteronomi 14:21 uthi: “Akumelwe nidle noma yini eyingcuba.” Ingabe lokhu kuphikisana noLevitikusi 11:40, ofundeka kanje: “Lowo odla noma iyiphi ingxenye yesidumbu [sesilwane] uyohlanza izingubo zakhe, futhi kumelwe abe ongcolile kuze kuhlwe”?

Akukho ukuphikisana kule miBhalo emibili. UmBhalo wokuqala uphinda umthetho owenqabela ukudla ingcuba, mhlawumbe isilwane esibulawe izilo zasendle. (Eksodusi 22:31; Levitikusi 22:8) Owesibili uchaza lokho umIsrayeli ayengase akwenze uma ephule lowo mthetho, mhlawumbe engahlosile.

Ukuthi uMthetho wawenqabela isenzo esithile akusho ukuthi kwakungeke kwenzeke ukuba lowo mthetho wephulwe. Ngokwesibonelo, kwakunemithetho enqabela ukweba, ukubulala, ukufakaza amanga, njalonjalo. Ngesikhathi esifanayo, kwakunezijeziso ezazizotholwa yilabo ababephula leyo mithetho kaNkulunkulu. Lezo zijeziso zazenza imithetho ibe nesisindo futhi zibonise ukuthi ibaluleke kangakanani.

Umuntu owayephula lo mthetho owenqabela ukudla ingcuba wayeba ongcolile emehlweni kaJehova futhi kwakudingeka alandele inqubo efanele yokuzihlanza. Uma ayengazihlanzi ngendlela efanele, kwakuyodingeka ‘aphendule ngenxa yesiphambeko sakhe.’—Levitikusi 17:15, 16.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela