Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w05 6/15 k. 32
  • “Washushiswa Ngenxa Yokholo Lwakhe”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Washushiswa Ngenxa Yokholo Lwakhe”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
w05 6/15 k. 32

“Washushiswa Ngenxa Yokholo Lwakhe”

EDOLOBHENI laseCernobbio elisenyakatho ye-Italy kwakhiwa indawo yokukhumbula izisulu okwaphulwa amalungelo azo epaki lendawo. Olunye lwezingqwembe ezembulwa kule ndawo lukhuluma ngoNarciso Riet. URiet wazalelwa eJalimane abazali abangamaNtaliyane, wabe eseba ngomunye woFakazi BakaJehova ngawo-1930. Ngesikhathi kubusa uHitler, oFakazi BakaJehova babeshushiswa ngenxa yokwenqaba ukubeka uHitler ngaphezu kukaNkulunkulu weqiniso, uJehova.

Lapho amaGestapo ethola ukuthi uRiet wayehilelekile ekuletheni amakhophi e-Nqabayokulinda emakamu okuhlushwa, wabalekela eCernobbio. Elapho wacelwa ukuba ahumushele INqabayokulinda esiNtaliyaneni futhi ayihambise kwamanye amakholwa aseduze. Imisebenzi yakhe yenkuthalo yatholakala. Isikhulu sama-SS namadoda akanye naso ahlasela umuzi kaRiet, ambopha futhi athatha ubufakazi bokuthi “uyisigebengu”—amaBhayibheli amabili nezincwadi ezimbalwa ezazisezimvilophini! URiet wadingiselwa eJalimane, waboshelwa ekamu lokuhlushwa eDachau, futhi wabulawa ngaphambi nje kokuphela kweMpi YeZwe II. “Washushiswa ngenxa yokholo lwakhe,” kusho uqwembe oluseCernobbio.

Ukholo lukaNarciso Riet nolwabanye oFakazi abaningi abashushiswa amaNazi luyisikhuthazo kumaKristu namuhla sokuba ahlale ethembekile kuJehova, uMuntu okuwukuphela kwakhe endaweni yonke okufanelekelayo ukuba amdumise. (IsAmbulo 4:11) UJesu wathi: “Bayajabula abaye bashushiswa ngenxa yokulunga.” UNkulunkulu uyozikhumbula izenzo zabo futhi ababusise ngenxa yenkambo yabo yesibindi.—Mathewu 5:10; Hebheru 6:10.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela