Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w05 5/15 k. 3
  • Ingabe Umuntu Angabuqeda Ubumpofu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Umuntu Angabuqeda Ubumpofu?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Iziboshwa Zobumpofu
    I-Phaphama!—1998
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Imizamo Yokuqeda Ubumpofu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Kuthiwani Uma Umkhaya Wakithi Umpofu?
    I-Phaphama!—1992
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
w05 5/15 k. 3

Ingabe Umuntu Angabuqeda Ubumpofu?

IZIGIDI zabantu ziye zakhula zingakaze zibe mpofu. Azikaze zilale zingadlile noma ziqhaqhazela ngenxa yamakhaza. Noma kunjalo, abaningi kulabo bantu bayabahawukela abampofu futhi benza imizamo yokubasiza.

Nokho, ubumpofu buyohlale buyinto ebuhlungu kubantu abahlushwa izimpi zombango, izikhukhula, isomiso nezinye izinkinga. Lezi zinto ziyizenzakalo ezibuhlungu obesabekayo kubantu base-Afrika abaziphilisa ngokulima. Abanye baye baphoqeleka ukuba bashiye imizi yabo baye emadolobheni amakhulu noma baphile njengababaleki kwelinye izwe. Abanye abahlala emaphandleni bathuthela emadolobheni ngenxa yokuthi bahehwa amathemba okuthi bazophila kangcono.

Ubumpofu buvame ukudlondlobala kakhulu emadolobheni aminyene. Ayikho indawo yokutshala izilimo, uma ikhona incane kakhulu. Ngokuvamile kunzima ukuthola umsebenzi. Ngenxa yokuphelelwa ithemba, abaningi baphenduka izigebengu. Abahlala emadolobheni bakhalela usizo, kodwa ohulumeni abakwazi ukuxazulula inkinga ekhulayo yobumpofu. Ibhekisela embikweni weZizwe Ezihlangene owakhishwa ngo-November 2003, i-Independent yaseLondon yathi: “Indlala iyaqhubeka ihlupha abantu abengeziwe emhlabeni.” Yanezela: “Emhlabeni wonke namuhla, kulinganiselwa ukuthi abantu abayizigidi ezingu-842 abondlekile—futhi lelo nani likhuphuka minyaka yonke ngabantu abayizigidi ezinhlanu.”

Ngezinye izikhathi ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eNingizimu Afrika lithola izincwadi ezivela kubantu abakhungethwe ubumpofu. Ngokwesibonelo, indoda yaseBloemfontein yabhala: “Angisebenzi, futhi njalo uma ngithola ithuba ngiyeba edolobheni. Uma ngingebi, silamba izinsuku eziningi—angisayiphathi eyamakhaza ashubisa umnkantsha. Awukho ngempela umsebenzi. Abaningi bazulazula emigwaqweni befuna umsebenzi nokudliwayo. Kukhona abanye engibaziyo abafuna ukudla emigqonyeni kadoti. Abanye bayazibulala. Njengami, abaningi bacindezelekile futhi abanathemba. Kubonakala sengathi ikusasa limnyama. Ingabe uNkulunkulu, owasidala saba nesidingo sokudla nokugqoka, akakuboni lokhu?”

Kunezimpendulo eziduduzayo kulo mbuzo okhathaza le ndoda. Njengoba isihloko esilandelayo sizobonisa, lezi zimpendulo zitholakala eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela