Imibuzo Evela Kubafundi
Ingabe umphostoli uPawulu wayengaluphiki ukholo lwakhe lobuKristu ngesikhathi ethi eSanhedrini: “NgingumFarisi”?
Ukuze siqonde inkulumo kaPawulu etholakala encwadini yezEnzo 23:6, kudingeka sicabangele ukuthi wayikhuluma kwenzenjani.
Ngemva kokuhlaselwa amaJuda eJerusalema, uPawulu wakhuluma nawo. Waphawula ukuthi ‘wayefundiswe eJerusalema ezinyaweni zikaGamaliyeli, owafundiswa ngendlela eqinile yoMthetho wokhokho.’ Nakuba isixuku sakulalela isikhashana ukuzivikela kwakhe, lapho ekugcineni sithukuthela, umlawuli wamabutho wathatha uPawulu wamngenisa ekamu lamasosha. Lapho nje esezobhaxabulwa, uPawulu wathi: “Ingabe kungokomthetho ukuba nibhaxabule umuntu ongumRoma engalahlwanga yicala?”—IzEnzo 21:27–22:29.
Ngakusasa, umlawuli wamabutho wathatha uPawulu wamyisa enkantolo ephakeme yamaJuda, iSanhedrini. UPawulu wayibhekisisa, wabona ukuthi yakhiwe abaSadusi nabaFarisi. Wabe esethi: “Madoda, bafowethu, ngingumFarisi, indodana yabaFarisi. Ngahlulelwa ngenxa yethemba lovuko lwabafileyo.” Ngenxa yalokho, kwavela ukungezwani phakathi kwabaFarisi nabaSadusi, “ngoba abaSadusi bathi akukho luvuko nangelosi namoya, kodwa abaFarisi bakuvuma konke obala.” Abanye ababengabaFarisi baphikisa ngolaka: “Asitholi lutho olubi kulo muntu.”—IzEnzo 23:6-10.
Njengoba uPawulu ayaziwa ngokuba umKristu oshiseka kakhulu, wayengeke akwazi ukukholisa iSanhedrini ngokuthi wayengumFarisi wokuqina. AbaFarisi ababelapho babengeke bakuvumele nhlobo ukungathembeki ezimfundisweni zabo noma ukuzimelela kabi. Ngakho inkulumo kaPawulu yokuthi ungumFarisi kumelwe ukuba yayinencazelo engaphelele, futhi abaFarisi ababekhona kungenzeka bawaqonda ngaleyo ndlela amazwi kaPawulu.
Ngenkulumo yakhe yokuthi wahlulelwa ngenxa yethemba lovuko lwabafileyo, ngokusobala uPawulu wayesho ukuthi yilokhu kuphela ayefana ngakho nabaFarisi. Kunoma iyiphi impikiswano yovuko, uPawulu wayehlanganiswa nabaFarisi kunokuba ahlanganiswe nabaSadusi, ababengakholelwa ovukweni.
Lokho uPawulu ayekukholelwa njengomKristu kwakungangqubuzani nezinkolelo zabaFarisi ezindabeni ezinjengovuko, izingelosi nezinye izici zoMthetho. (Filipi 3:5) Ngakho, ngokwalezi zinkolelo, uPawulu wayengazihlanganisa nabaFarisi, futhi yileyo ndlela labo ababekhona eSanhedrini abawaqonda ngayo amazwi akhe. Wayesebenzisa isizinda sakhe ukuze aziphendulele enkantolo ephakeme yamaJuda eyayimcwasa.
Nokho, ubufakazi obunamandla bokuthi uPawulu akazange aluphike ukholo lwakhe bubonakala ngokuthi waqhubeka amukeleka kuJehova. Ngobusuku obalandela le nkulumo kaPawulu esiyidingidayo, uJesu wathi: “Yiba nesibindi! Ngoba njengoba ubufakaza ngokungashwampuluzi ngezinto eziphathelene nami eJerusalema, kanjalo kumelwe ufakaze futhi naseRoma.” Njengoba uNkulunkulu ayemamukela uPawulu, kumelwe siphethe ngokuthi uPawulu akazange aluphike ukholo lwakhe lobuKristu.—IzEnzo 23:11.