Ukwanelisa Isidingo EMakedoniya
“WELELA eMakedoniya usisize.” (IzEnzo 16:9) La mazwi endoda eyabonakala kumphostoli uPawulu embonweni ayeveza isidingo sokuba izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu zishunyayelwe endaweni entsha, emadolobheni aseGrisi manje.
Namuhla, eMakedoniya kunesilinganiso sikaFakazi oyedwa vó ezakhamuzini ezingu-1 840. Abantu abaningi abakaze bezwe ngoJehova uNkulunkulu. Yebo, kunesidingo esiphuthumayo sokuba abantu balesi sizwe bezwe umyalezo wokuthula.—Mathewu 24:14.
UNkulunkulu uye wavula indlela yokuba saneliswe leso sidingo. Ngolunye usuku ngo-November 2003, ihhovisi loFakazi BakaJehova eMakedoniya, eSkopje, lathola ucingo olungalindelekile. Lwaluvela oPhikweni LwaseMakedoniya Lokubambisana Namanye Amazwe, lumema oFakazi ukuba bahlele itafula abazochaza kulo izinkolelo zabo embukisweni wezinsuku ezintathu owawuzoqala ngo-November 20. Yeka ukuthi kwakuyithuba elihle kanjani lokufinyelela izinkulungwane zabantu ababengakaze bazizwe izindaba ezinhle zoMbuso!
Amavolontiya angoFakazi aphuthuma ahlela umbukiso owawuzoba nezincwadi ezihlukahlukene zoFakazi BakaJehova zolimi lwesiMakedoniya. Ezinye zalezi zincwadi zabekwa etafuleni ngenjongo yokuba zithathwe izivakashi uma zithanda. Lo mbukiso wanikeza abaningi ithuba lokuthola amanzi angokomoya aqabulayo ngesihle.—IsAmbulo 22:17.
Izivakashi zazifuna kakhulu izincwadi ezithinta ukuphila kwazo, njengethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo nethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya.a Abantu abangu-98 bashiya amakheli abo, becela ukuba oFakazi BakaJehova babavakashele. Abaningi bawuncoma umsebenzi omuhle woFakazi BakaJehova nezinga eliphakeme lezincwadi zabo.
Enye indoda yeza etafuleni ibambe umfanyana wayo ngesandla. Lo baba wabuza ukuthi zikhona yini izincwadi zezingane. OFakazi bambonisa INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli.b Wayiphenya wayesebuza ngenjabulo ukuthi ibiza malini. Lapho ezwa ukuthi umsebenzi wokufundisa woFakazi BakaJehova usekelwa ngeminikelo yokuzithandela kuphela, wajabula nakakhulu. (Mathewu 10:8) Wabonisa indodana yakhe incwadi wathi: “Uyayibona ukuthi inhle kanjani le ncwadi? Ubaba uzokufundela indaba eyodwa zonke izinsuku!”
Kweza uprofesa wefilosofi kuleli tafula. Wayenesithakazelo esikhulu enkolweni iyonke kodwa ikakhulu ezinkolelweni zoFakazi BakaJehova. Lapho ebuka incwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu,c lo profesa wathi: “Ibeka indaba ngendlela enengqondo ngempela! Ichaza ngayo kanye indlela ebengicabanga ukuthi kufanele kuchazwe ngayo.” Kamuva, kweza abafundi abathile basesikoleni afundisa kuso bafike bacela awabo amakhophi encwadi eyayithathwe uprofesa. Babefuna ukuyitadisha le ncwadi. Babecabanga ukuthi uzosebenzisa amaphuzu ayo lapho efundisa.
Lo mbukiso wenza abanye abantu bezwa amaqiniso eBhayibheli ngokokuqala ngqá. Kwafika iqembu lentsha eyizithulu lizobuka. Omunye woFakazi wakhuluma nalo kafushane, esizwa intombazane eyayihumushela olimini lwezandla. Esebenzisa imifanekiso esencwadini ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila,d wachaza ukuthi uJesu waphulukisa abagulayo, kanye nabayizithulu. Bakujabulela “ukuzwa” isithembiso seBhayibheli sokuthi maduze uJesu uzobenzela okufanayo abantu abaphila namuhla. Abaningana kubo bakujabulela ukuthatha izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini, kwenziwa namalungiselelo okuba bavakashelwe uFakazi owazi ulimi lwezandla.
Ngaphandle kwesiMakedoniya, izincwadi zazitholakala nangesi-Albania, isiNgisi, nesiTurkey. Enye indoda eyayingasazi isiMakedoniya yacela izincwadi zesiNgisi. Ngemva kokuthola omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama!, yathi yona ikhuluma isiTurkey. Lapho iboniswa izincwadi zolimi lwayo, ayizange ikholwe! Yabona ukuthi oFakazi BakaJehova bafuna ukusiza wonke umuntu.
Yeka ubufakazi obuhle obanikezwa kulowo mbukiso, futhi yeka indlela okwakukhuthaza ngayo ukubona abantu abaningi kangako bebonisa isithakazelo eqinisweni leBhayibheli! Yebo, uJehova wavula indlela yokuba izindaba ezinhle zoMbuso zisakazwe ngokwengeziwe eMakedoniya.
[Imibhalo yaphansi]
a Zonke zinyatheliswa oFakazi BakaJehova.
b Zonke zinyatheliswa oFakazi BakaJehova.
c Zonke zinyatheliswa oFakazi BakaJehova.
d Zonke zinyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 9]
INGQOPHAMLANDO!
Ngo-May 17, 2003, kwathathwa igxathu elikhulu emizamweni yokusakaza izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Kwanikezelwa ihhovisi loFakazi BakaJehova eSkopje. Kwase kuyiminyaka emibili lakhiwa, kwandiswa izakhiwo ezazikhona ngokuphindwe kane.
Kukhona izakhiwo ezintathu ezihlukene ezinamahhovisi okuqondisa nawokuhumusha, izindawo zokuhlala, ikhishi, nelondolo. Kwakukhona uGuy Pierce, oyilungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova, ezobeka inkulumo yokunikezela izakhiwo. Kwakunezivakashi ezivela emazweni ayishumi kulesi senzakalo. Zonke zakujabulela kakhulu ukubona lezi zakhiwo ezintsha ezinhle.
[Ibalazwe ekhasini 8, 9]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
IBULGARIA
IMAKEDONIYA
ISkopje
I-ALBANIA
IGRISI
[Isithombe ekhasini 8]
ESkopje, eMakedoniya