Ukuziphatha Okuhle ‘Kuhlobisa Imfundiso KaNkulunkulu’
UMARIA ungumuntu osemusha waseKransnoyarsk, eRussia, futhi ucula kamnandi kangangokuthi uthisha wakhe waze wamfaka ekhwayeni yesikole. Ngokushesha ngemva kwalokho, uMaria waya komunye wothisha wamchazela ngenhlonipho ukuthi wayengeke azicule izingoma ezithile. Ngani? Ngoba ukucula izingoma zenkolo kungqubuzana nezinkolelo zakhe ezisekelwe eBhayibhelini. Emangele, uthisha wazibuza, ‘Yini engalungile ngokudumisa uNkulunkulu ngengoma?’
Ukuze abonise okwakungamenza enqabe ukucula ingoma ethi uNkulunkulu unguZiqu-zintathu, uMaria wavula iBhayibheli wabe esechaza ukuthi uNkulunkulu noJesu Kristu abayena uNkulunkulu oyedwa, nokuthi umoya ongcwele ungamandla kaNkulunkulu asebenzayo. (Mathewu 26:39; Johane 14:28; IzEnzo 4:31) UMaria uyalandisa: “Uthisha akazange angizonde. Sinothisha abahle kakhulu esikoleni sethu. Bafuna sibe yilokho esiyikho.”
Waze waphela lowo nyaka uMaria ehlonishwa othisha nalabo ayefunda nabo ekilasini. UMaria uthi: “Ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli kuyangisiza ekuphileni. Ekupheleni konyaka, ngathola umklomelo wokwethembeka nokuhleleka, futhi abazali bami bathola incwadi eyayivela esikoleni ibabonga ngokukhulisa indodakazi yabo kahle.”
UMaria wabhapathizwa ngo-August 18, 2001. Uthi: “Ngiyajabula ngokuthi ngikhulekela uNkulunkulu omuhle kangaka, uJehova!” Emhlabeni wonke oFakazi BakaJehova abasebasha bagcwalisa amazwi asencwadini kaThithu 2:10, athi: “[Ni]hlobise imfundiso yoMsindisi wethu, uNkulunkulu, ezintweni zonke.”
[Isithombe ekhasini 32]
UMaria nabazali bakhe ngemva kokubhapathizwa kwakhe
[Isithombe ekhasini 32]
Incwadi yokwazisa nesitifiketi sokunconywa