Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w05 3/1 kk. 3-4
  • Ukulwa Ngamazwi—Kungani Kulimaza?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukulwa Ngamazwi—Kungani Kulimaza?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abesifazane Ababili Abanenkinga
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • “Niyokuzwa Ngezimpi”
    Izihloko Ezengeziwe
  • Izwe Elingenayo Impi Ngokushesha
    I-Phaphama!—1996
  • Ingabe UNkulunkulu Uyayivumela Impi?
    I-Phaphama!—2002
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
w05 3/1 kk. 3-4

Ukulwa Ngamazwi—Kungani Kulimaza?

“Zivelaphi izimpi futhi kuvelaphi ukulwa phakathi kwenu?”—JAKOBE 4:1.

UMLOBI weBhayibheli uJakobe wayengawubuzi amasosha aseRoma lo mbuzo, okuyiwona ayebhidlangile ngaleso sikhathi ngezimpi zokunqoba ezinye izizwe. Futhi wayengazami ukuthola ukuthi kubangelwa yini ukuhlasela kwamaSicarii angamaJuda noma amaDoda Enkemba angekhulu lokuqala C.E. UJakobe wayekhuluma ngezingxabano ezingaba phakathi kwabantu ababili. Kungani akhuluma ngalokhu? Ngoba njengezimpi, izingxabano phakathi kwabantu zingalimaza kakhulu. Ake ucabange ngalokhu kulandisa okuseBhayibhelini.

Amadodana enzalamizi uJakobe ayezonda umfowabo uJosefa aze amthengisela ebugqilini. (Genesise 37:4-28) Kamuva, iNkosi uSawule yakwa-Israyeli yazama ukubulala uDavide. Kwakwenzenjani? Le nkosi yayinomona ngoDavide. (1 Samuweli 18:7-11; 23:14, 15) Ekhulwini lokuqala, abesifazane ababili abangamaKristu, u-Evodiya noSintike, baqeda ukuthula kwalo lonke ibandla ngengxabano yabo.—Filipi 4:2.

Kuke kwaba nesikhathi muva nje lapho abantu babelungisa khona ukungaboni kwabo ngaso linye ngokulwa bebhekene ngeziqu zamehlo, basebenzise izinkemba noma izibhamu. Kwakuvame ukuthi oyedwa kubo afe noma agogeke ukuphila kwakhe konke. Namuhla, abalwayo bavame ukusebenzisa izikhali ezingamazwi abuhlungu ahlaba kuzwele. Nakuba kungachitheki gazi, amazwi abuhlungu abakabhana ngawo alimaza imizwelo nedumela. Kulezi “zimpi” kuvame ukulimala abangenacala.

Cabanga ngalokho okwenzeka eminyakeni ethile edlule lapho omunye umfundisi wesonto laseSheshi ethi omunye umfundisi udle izimali zesonto. Ingxabano yabo yaziwa nangabanye abantu, futhi ibandla lahlukana phakathi. Amanye amalungu ayengafuni ukuya esontweni uma kuzoshumayela umfundisi angamfuni. La malungu esonto ayengasafunani kangangokuba ayengasakhulumisani lapho esesontweni. Lapho umfundisi owathi omunye udle izimali, naye ngokwakhe kuthiwa uziphathe kabi ngokobulili, kwaba sengathi kufakwe amanye amalahle kule ngxabano.

UMbhishobhi Omkhulu waseCanterbury wakhuluma nalaba befundisi ababili wathi ingxabano yabo ifana “nomdlavuza” futhi “iyihlazo elihlambalaza igama leNkosi Yethu.” Ngo-1997 omunye walaba befundisi wavuma ukuthatha umhlala-phansi. Omunye waqhubeka engumfundisi kwaze kwaba yilapho iminyaka yakhe isimphoqa ukuba athathe umhlala-phansi. Kodwa waqhubeka engumfundisi kwaze kwaba umzuzu wokugcina, waze wathatha umhlala-phansi ngo-August 7, 2001, okuwusuku azalwa ngalo, eneminyaka engu-70 ubudala. I-Church of England Newspaper ithi ngosuku lo mfundisi athatha ngalo umhlala-phansi, kwakuwusuku lomkhosi “kaSanta” Victricius. Wayengubani lo “Santa” Victricius? Wayengumbhishobhi wangekhulu lesine okuthiwa wabhaxabulwa ngoba wenqaba ukulwa empini. Liveza ukungafani kokucabanga kwabo, leli phephandaba lathi: “[Lo mfundisi osethatha umhlala-phansi] wayengakwenqeni neze ukulwa nozakwabo.”

Laba befundisi babengakugwema ukuzilimaza bona nabanye ukube babelalele iseluleko esikumaRoma 12:17, 18: “Ningabuyiseli muntu okubi ngokubi. Yenzani izinto ezinhle emehlweni abo bonke abantu. Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabantu bonke.”

Wena-ke? Uma othile ekuphatha kabi, ingabe ucasuka uze umhlasele ngamazwi? Noma ingabe uyawagwema amazwi ahlabayo futhi uhlale uzimisele ukubuyisana naye? Uma uphatha kabi othile, ingabe uyamgwema wethembe ukuthi ngokuhamba kwesikhathi uzoyikhohlwa into omenze yona? Noma ingabe uyashesha ukuxolisa? Kungakhathaliseki ukuthi nguwe ocela uxolo noma wena uxolela othile, ukuzama ukubuyisana kuyoba nomthelela enjabulweni yakho. Iseluleko seBhayibheli singasisiza sixazulule ngisho nezingxabano esezinesikhathi zikhona, njengoba isihloko esilandelayo sibonisa.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela