Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w05 2/15 k. 32
  • Ubani Ozokupha Umhlaba Wonke Ukudla?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubani Ozokupha Umhlaba Wonke Ukudla?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
w05 2/15 k. 32

Ubani Ozokupha Umhlaba Wonke Ukudla?

UMBIKO we-World Food Programme, inhlangano emelela iZizwe Ezihlangene elwa nendlala, uthi abantu abalinganiselwa ezigidini ezingu-800—abaningi kubo izingane—baseduze nokubulawa yindlala. Muva nje, leyo nhlangano ithe imali evela emazweni amaningi athuthukile ebingasiza ekulungiseni lesi simo isetshenziselwa ukuqeda izinkinga ezinjengobuphekula. Ukusakazeka kwezifo ezithathelwanayo kuye kwayidlondlobalisa le nkinga. I-Global School Feeding Report yale nhlangano yathi ngamazwe ase-Afrika lapho ingculaza idlange khona: “Bonke abazali bafa ngaphambi kwesikhathi. Ngokuvamile izingane zishiywa abazali zizifunele izinto zokuphila eziyizidingo, eziningi ezingazi lutho ngokulima nangendlela yokuphila kwansuku zonke okuyizinto ngokuvamile ezidluliselwa kwesinye isizukulwane zisuka kwesinye.”

I-World Food Programme ikhuthaza umzamo wokunikeza izikole ukudla okungenani kanye ngosuku. Ayihlosile ukunciphisa indlala kuphela kodwa nokufundisa ngezimiso eziklanyelwe ukuvimbela isandulela-ngculaza nengculaza entsheni.

Ezindaweni lapho le mizamo seyenziwe khona, izingane ziye zathola ukudla, zaqeqeshwa ngenhlanzeko yomuntu siqu futhi zanikezwa nolunye usizo. Kuye kwaqashelwa nokuthi lapho abantu beshintsha indlela yabo yokuziphatha, izinga lokuthathelwana kwesandulela-ngculaza nengculaza liyancipha.

Kuyadabukisa ukuthi imizamo yabantu ngokuvamile ayaneli futhi ayinaso isiqinisekiso sokuphumelela. Kodwa iBhayibheli lenza lesi sithembiso esiduduzayo maqondana nekhambi elihlala njalo lendlala. “Kuyoba khona inala yokusanhlamvu emhlabeni,” kusho iHubo 72:16. Lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu, abantu bayothi ngoJehova uNkulunkulu: “Unaké umhlaba, ukuba uwunike inala; uyawucebisa kakhulu . . . Ulungiselela okusanhlamvu kwabo, ngoba yileyo ndlela olungiselela ngayo umhlaba.”—IHubo 65:9.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]

WFP/Y. Yuge

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela