I-Berleburg Bible
IPIETISM kwakuyinhlangano yenkolo eyaqala ngekhulu le-17 nele-18 phakathi kweSonto LamaLuthela LaseJalimane. Abanye babalandeli bale nhlangano babehlekwa usulu noma bashushiswe nokushushiswa ngenxa yokholo lwabo. Ezinye izazi ezingabalandeli bePietism zathola isiphephelo eBerleburg, engaba amakhilomitha angu-150 enyakatho yeFrankfurt am Main. Isikhulu sendawo esasiyithanda kakhulu inkolo, uCount Casimir von Wittgenstein Berleburg sazivikela. Ukuba khona kwalaba bashumayeli abayizazi eBerleburg kwaholela ekubeni kunyatheliswe inguqulo entsha yeBhayibheli, namuhla eyaziwa ngokuthi i-Berleburg Bible. Yaba khona kanjani le nguqulo?
Omunye wabantu ababefuna isivikelo kwakunguJohann Haug, owaphoqeleka ukuba ashiye umuzi wakhe eStrasbourg ngenxa yokubandlululwa izazi zendawo zemfundiso yenkolo. UHaug wayefunde kakhulu futhi enekhono lokwazi izilimi eziningi. Watshela izazi ayekanye nazo eBerleburg ngesifiso sakhe esiqotho “sokwenza inguqulo yeBhayibheli ehlanzeke ngokuphelele, sokulungisa inguqulo kaLuther, sokunikeza incazelo enembile yeZwi likaNkulunkulu kanye nalokho elikuqondile.” (Die Geschichte der Berlenburger Bibel [Umlando We-Berleburg Bible]) Umgomo kwakuwukwenza iBhayibheli elinamagama achazayo futhi elalizoqondwa abantu abavamile. UHaug wacela usizo lwezazi zakwamanye amazwe aseYurophu, futhi wamthatha iminyaka engu-20 lo msebenzi. I-Berleburg Bible yakhishwa okokuqala ngo-1726. Ngenxa yokuthi yayinamagama amaningi, yaba imiqulu engu-8.
Empeleni i-Berleburg Bible inamaphuzu athile athakazelisayo. Ngokwesibonelo, u-Eksodusi 6:2, 3 ufundeka kanje: “Ngaphezu kwalokhu uNkulunkulu wakhuluma noMose wathi kuye: NGIYINKOSI! Futhi ngabonakala ku-Abrahama/ku-Isaka nakuJakobe/njengoNkulunkulu ongumninimandla onke: kodwa ngegama lami elithi JEHOVA ngangingaziwa kubo.” Isichasiso sithi: “Igama elithi JEHOVA . . . , yigama lakhe yedwa/noma/igama elembuliwe.” Igama likaNkulunkulu, elithi Jehova, liyavela futhi ku-Eksodusi 3:15 naku-Eksodusi 34:6.
Ngakho i-Berleburg Bible yaba elinye lamaBhayibheli esiJalimane asebenzisa igama likaJehova emavesini, emibhalweni yaphansi noma esichasisweni. Enye yezinguqulo zamuva enikeza igama likaNkulunkulu udumo olufanele INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele, ekhishwa oFakazi BakaJehova.