Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w05 1/15 k. 32
  • “Wena Wenza Ngani?”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Wena Wenza Ngani?”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
w05 1/15 k. 32

“Wena Wenza Ngani?”

LO MBUZO wammangaza kakhulu uMuriel, umama wezingane ezintathu, lapho ewubuzwa umuntu othile osekhulile ayengamazi esitolo sokudlela. UMuriel wayehambise izingane kwadokotela wabe eseshiywa isikhathi. Sase singasekho isikhathi esanele sokuya ekhaya bayodla ngaphambi kokuba baye emihlanganweni yobuKristu. Ngakho wayisa izingane esitolo sokudlela esiseduze ukuze zithole okuya ngasethunjini.

Sebezoqeda ukudla, kweza indoda ethile kuMuriel yathi: “Bengilokhu nginibuka selokhu nifikile la. Futhi ngiphawule umahluko omkhulu phakathi kwezingane zakho nalezi engijwayele ukuzibona. Awazi ukuthi izingane ziwenzani amatafula nezihlalo! Zibeka izinyawo phezu kwamatafula, zihudule nezihlalo. Kodwa wena izingane zakho zithulile futhi ziziphatha kahle. Wenza ngani?”

UMuriel waphendula: “Mina nomyeni wami sifunda iBhayibheli njalo nezingane zethu, futhi sizama ukukusebenzisa ekuphileni kwethu lokho esikufundayo. SingoFakazi BakaJehova.” Izwa lokho, le ndoda yathi: “Mina ngingumJuda futhi ngasinda ekuQothulweni Kwesizwe. Ngiyakhumbula ngibona oFakazi BakaJehova beshushiswa eJalimane. Nalapho, babehluke ngokuphawulekayo. Kungihlabe umxhwele ngempela ukuziphatha kwezingane zakho. Kuzomelwe ngike ngiyihlole inkolo yenu.”

IBhayibheli incwadi enhle kakhulu ekukhuliseni izingane. OFakazi BakaJehova bayathanda ukusiza abanye bazuze esiqondisweni esitholakala emiBhalweni. Sikumema ngokufudumele ukuba wamukele isicelo esilandelayo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela