‘Ngiyajabula Ngokuthi Ngiyaqeqeshwa’
WASHAQEKA uKazuna osemusha lapho uthisha wakhe esikisela ukuba angenele umncintiswano wokukhuluma nezilaleli ngolimi lwesiNgisi. Zonke izikole eziphakeme zasesiqhingini esikhulu saseJapane esisenyakatho okuthiwa iHokkaido zazinethuba lokuwungenela, kodwa esakhe isikole sasingakaze sibe nomfundi ongenela lo mncintiswano. Ngosuku lomncintiswano, uKazuna wayethukile ngoba kwakufanele aqhudelane nabanye abafundi abacishe babe ngu-50. Wethuka nakakhulu lapho ebona amajaji amabili angamaNgisi.
Abawinile bamenyezelwa, kwaqale kwamenyezelwa osekugcineni. Lapho ekugcineni kubizwa igama likaKazuna, wakhexa. Yena nothisha wakhe, owayehlezi eduze kwakhe, bagqolozelana bemangele. Eshaqeke enjalo, uKazuna waya esiteji wayokwamukela indebe yakhe—wayephumelele ngamalengiso!
UKazuna ojabule wachaza: “Ngiphumelele kuphela ngenxa yokuqeqeshwa engikuthola enhlanganweni kaJehova ngeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini. Angive ngijabula ngokuthi ngiye ngathola lokhu kuqeqeshwa.” Leso sikole, uKazuna abhalisa kuso kusukela esemncane, singomunye wemihlangano yebandla yoFakazi BakaJehova. Esalungiselela lo mncintiswano, uKazuna wanakisisa kakhulu ukusetshenziswa kombhobho, ukukhuluma ngemfudumalo nangomdlandla, ukushukuma komzimba, ukubheka izilaleli, nezinye izinto ezifundiswa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini.
Siyakumema ukuba uzothamela lesi sikole, esiqhutshwa masonto onke eHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova langakini. Zibonele ngokwakho indlela abasha nabadala abazuza ngayo. Wonke umuntu wamukelekile kulo mhlangano. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe mayelana nokuthi sikuphi isikole esiseduze nalapho uhlala khona, siza uthintane noFakazi BakaJehova endaweni yakini.