Inguqulo “Enhle Ngokuphawulekayo”
NGOKOKUNYE ukubala, kulinganiselwa ukuthi sezingu-55 izinguqulo zesiNgisi zemiBhalo YamaKristu YesiGreki ezintsha ezikhishwe phakathi kuka-1952 no-1990. Indlela abahumushi abakhetha ngayo amagama isho ukuthi azikho izinguqulo ezimbili ezifundeka ngendlela efanayo. Ukuze anqume ukuthi umsebenzi wabahumushi uthembeke kangakanani, uJason BeDuhn, omunye woprofesa bezifundo zenkolo e-Northern Arizona University, eFlagstaff, e-Arizona, e-U.S.A., wahlola futhi waqhathanisa ukunemba kwezinguqulo ezingu-8 eziyinhloko, kuhlanganise ne-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele, ekhishwa oFakazi BakaJehova. Waba yini umphumela?
Nakuba ayewagxeka amanye amagama akuyi-Nguqulo Yezwe Elisha, uBeDuhn wayibiza ngokuthi inguqulo “enhle ngokuphawulekayo,” “engcono kakhulu” futhi “engcono kuzo zonke izici” kunezinye kulezo ezahlolwa. Kukho konke, uBeDuhn waphetha ngokuthi INguqulo Yezwe Elisha “ingenye yezinguqulo zesiNgisi zeTestamente Elisha ezinembe kunazo zonke ezitholakalayo manje” futhi “inembe kunazo zonke izinguqulo ezaqhathaniswa.”—Truth in Translation: Accuracy and Bias in English Translations of the New Testament.
UBeDuhn waphawula nokuthi abaningi abahumushi babecindezelwa ukuba “bakubeke ngenye indlela noma banezele kulokho okushiwo yiBhayibheli ukuze basho lokho okufunwa futhi okudingwa abafundi banamuhla.” Ngakolunye uhlangothi, INguqulo Yezwe Elisha ihlukile, kuphawula uBeDuhn, ngenxa yokuthi “i-NW iyinguqulo enembe kakhulu ngokwezwi nezwi, elondoloza izinkulumo zakuqala zabalobi beTestamente Elisha.”
Kunjengoba iKomiti Yezwe Elisha Yokuhumusha IBhayibheli ivuma esanduleleni senkumusho yayo, “kungumsebenzi odinga ukucophelela ngempela” ukuhumushela imiBhalo Engcwele isuka ezilimini zakuqala iye enkulumweni yanamuhla. Le Komiti iyaqhubeka ithi: “Abahumushi baleli Bhayibheli, abamthandayo uMlobi Wasezulwini WemiBhalo Engcwele, bazizwa benesibopho esikhethekile kuye sokudlulisela imicabango yakhe nezimemezelo zakhe ngokunembe kangangokunokwenzeka.”
Kusukela ekukhishweni kwayo kokuqala ngo-1961, INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele iye yatholakala ngezilimi ezingu-32, kanye nezinguqulo ezimbili zeBraille. ImiBhalo YamaKristu YesiGreki ye-Nguqulo Yezwe Elisha, noma “iTestamente Elisha,” itholakala nangezinye izilimi ezingu-18 kanye nenguqulo eyodwa yeBraille. Sikumema ukuba ufunde iZwi likaNkulunkulu kule nguqulo yanamuhla “enhle ngokuphawulekayo,” mhlawumbe ngolimi lwakho.