Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w04 11/15 k. 32
  • Uyalilangazelela Yini Izwe Elingenakho Ukwesaba?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uyalilangazelela Yini Izwe Elingenakho Ukwesaba?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
w04 11/15 k. 32

Uyalilangazelela Yini Izwe Elingenakho Ukwesaba?

“Siphila ‘esimweni esikhathazayo sokuhlala siqaphile futhi . . . singenamandla,’ esibangelwa ‘ingozi engacacile kahle engagadla noma nini, noma kanjani, ngaphandle kwesixwayiso.’”

LA MAZWI, acashunwa ngonyaka odlule kumagazini i-Newsweek, aveza imizwa yabantu abaningi abaphila kuleli zwe lanamuhla eliyaluzayo. UJesu Kristu wabonisa ukuthi imizwa enjalo izoba mandla maduze. Wabikezela isikhathi lapho kuyoba khona usizi olunzima phakathi kwezizwe kangangokuthi ngeke ziyazi indlela yokuphuma, wabikezela nokuthi abantu bayoba nesinxi ngenxa yokwesaba nokulindela izinto ezehlela umhlaba. Nokho, thina ngeke kudingeke sizizwe sesaba noma singenamandla, ngoba uJesu wanezela: “Njengoba lezi zinto ziqala ukwenzeka, yimani niqonde futhi niphakamise amakhanda enu, ngoba ukukhululwa kwenu kuyasondela.”—Luka 21:25-28.

Echaza ukuthi abantu bakhe bayobe bephila kuziphi izimo emhlabeni ngemva kokubakhulula, uJehova uNkulunkulu wathi: “Abantu bami bayohlala endaweni yokuhlala enokuthula nasezindaweni zokuhlala zokuqiniseka okuphelele nasezindaweni zokuphumula ezingaphazanyiswa.” (Isaya 32:18) Ngomprofethi wakhe uMika, uJehova wathi: “Bayohlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe, ngeke kube khona obenza bathuthumele.”—Mika 4:4.

Yeka indlela lokho kuphila okungafani ngayo nokwanamuhla! Akukho ngozi engaziwa eyohlala ilengele phezu kwesintu. Esikhundleni sesimo esikhathazayo sokuhlala siqaphile futhi singenamandla, siyoba nokuthula nenjabulo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela