Ingabe Siyoke Sikujabulele Ukulondeka Kwangempela?
UBANI nje ongakujabuleli ukubukela izingane zidlala ngenjabulo nabazali bazo abanothando? Izingane zizizwa zilondeke ngokuphelele njengoba zinabazali bazo abanakekelayo. Nokho, izingane eziningi azizitholi nakancú izinkathi ezinjalo zokujabula. Kunalokho, ezinye izingane kumelwe zikhathazeke nsuku zonke ngokuthi zizolalaphi. Ingabe likhona ithemba ngezingane ezinjalo ezingenamakhaya nangabanye abantu abangenakho ukulondeka ekuphileni?
Nakuba kungase kubonakale sengathi alikho ithemba ngekusasa, iZwi likaNkulunkulu linikeza ithemba. Umprofethi u-Isaya wabikezela ukuthi kuyofika usuku lapho ukuphila kwabo bonke abantu kuyolondeka ngokuphelele. Wabhala: “Ngokuqinisekile bayokwakha izindlu bahlale kuzo; nakanjani bayotshala izivini badle izithelo zazo. Ngeke bakhe kuhlale omunye; ngeke batshale kudle omunye.”—Isaya 65:21, 22.
Kodwa ingabe leli themba liqinisekile? Phela, igama elithi “ithemba” alisho ngaso sonke isikhathi ukuthi leyo nto esiyethembile iyokwenzeka nakanjani. Ngokwesibonelo, eBrazil, kuvame inkulumo ethi: “A esperança é a última que morre.” Ngokwezwi nezwi isho ukuthi, “Ithemba yinto yokugcina ukufa.” Lokhu kusho ukuthi abantu abaningi bahlala benethemba ngisho noma kungekho sisekelo esiqinile sokuba nethemba. Nokho, ithemba esilinikezwa uNkulunkulu ophilayo lihlukile. Umphostoli uPawulu wabhala: “Akekho oba nokholo [kuNkulunkulu] oyodumazeka.” (Roma 10:11) Iziprofetho zeBhayibheli esezigcwalisekile kakade zisinikeza isiqinisekiso sokuthi zonke ezinye izithembiso uJehova uNkulunkulu azenzile nazo ziyogcwaliseka. Lapho sezigcwaliseka lezo zithembiso, izimo eziphoqa izingane ukuba zibe osikhotheni ziyophela nyá.
Ngisho nanamuhla iseluleko esisebenzayo esitholakala eBhayibhelini singabasiza abantu abangenathemba ukuba bathuthukise ukuphila kwabo nokuba bathole ukulondeka kwangempela. Kungenzeka kanjani lokho? OFakazi BakaJehova endaweni yakini bayokujabulela ukukusiza ukuba uthole impendulo yalo mbuzo.