Ukufuna Izinto Ezengeziwe
“Uma singaneliseki, asisoze sathi ‘sekwanele.’”—A Worldwatch Institute report.
“SIFUNANI? Sifuna yonk’into. Siyifuna nini? Siyifuna manje.” Lesi siqubulo sasidumile kwabanye abafundi basekolishi phakathi nawo-1960. Namuhla, kungenzeka awasadumile la mazwi, kodwa lowo moya usekhona. Ngempela, ukufuna okwengeziwe kubonakala kuyisici esiphawulekayo kule nkathi yethu.
Kwabaningi, ukuqongelela ingcebo nezinto ezibonakalayo sekuyinto ehamba phambili. Owayengumongameli wase-United States, uJimmy Carter wake wathi: “Umuntu akasabhekwa ngokwalokho ayikho, kodwa ngokwalokho anakho.” Zikhona yini izinto ezibaluleke ukudlula izinto ezibonakalayo? Uma zikhona, ziyini, futhi ziyozuzisa ngani?