Akuwona Nje Umdlalo
ABANTWANA bayakuthanda ukudlala. Kodwa ngokwencwadi ethi The Developing Child, “ukudlala akuyona into engasho lutho noma eyize. Kusiza umntwana ukuba akhule ekuqapheleni izinto ezimzungezile.” Ngokudlala, abantwana bafunda ukusebenzisa izinzwa zabo, ukuqonda indawo ebazungezile nokusebenzelana nabanye.
Kusukela beneminyaka emine noma emihlanu, abantwana baqala ukudlala imidlalo lapho bezenza khona abantu abadala. UJesu wake wakhuluma ngabantwana abadlalayo. Abanye babefuna ukudlala “umshado,” abanye befuna ukudlala “umngcwabo.” Njengoba-ke abantwana bevame ukwenza, baphikisana ngoba abanye babengafuni ukudlala. (Mathewu 11:16, 17) Lolu hlobo lokudlala lungagcizelela izindima zokuphila engqondweni yomntwana osakhula.
Abantwana abakule mifanekiso badlala ukuba umfundisi weBhayibheli nomfundi. Akusona isifundo seBhayibheli sangempela lesi abasiqhubayo, kodwa kusobala ukuthi kuyinto esezingqondweni zabo ukwazisa abanye isigijimi seBhayibheli. Lesi yisifundo esibalulekile ngoba uJesu wayala bonke abalandeli bakhe ukuba benze abafundi futhi bafundise abantu ukugcina zonke izinto ayebafundise zona.—Mathewu 28:19, 20.
Abazali abanezingane ezithanda ukudlala ukuqhuba izifundo zeBhayibheli, ukunikeza izinkulumo, noma ukushumayela endlini ngendlu bangaba neqholo kufanele. Ngokwemvelo abantwana balingisa lokho abakubona kwenziwa abantu abadala abaseduze kwabo. Imidlalo yabantwana yeBhayibheli ibonisa ukuthi bakhuliswa “ngohlobo lwemfundo nokuyalwa iNkosi ekuvumelayo.”—Efesu 6:4, Charles B. Williams.
UJehova ufuna ukuba abantwana bahlanganyele ekukhulekeleni kweqiniso. Wayala uMose ukuba abize “nabancane” lapho kufundwa uMthetho. (Duteronomi 31:12) Uma abantwana abancane bezizwa beyingxenye yalokho okwenziwayo, cishe imidlalo yabo iyokubonisa lokho. Futhi umntwana odlala ukuba isikhonzi sikaNkulunkulu usuke ethatha izinyathelo zokuqala zokuba yiso.