Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w04 9/1 k. 32
  • Indlela Yokubhekana Nokudangala

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yokubhekana Nokudangala
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
w04 9/1 k. 32

Indlela Yokubhekana Nokudangala

INGABE udangele? Kule nkathi yokungaqiniseki nezingxabano, abantu abaningi badangele. Abanye badangele ngoba abasebenzi. Abanye babhekene nemiphumela yengozi. Abanye bona bashikashikana nezinkinga zomkhaya, ukugula okungathí sina, noma imizwa yesizungu.

Uma udangele, ungalutholaphi usizo? Abantu abayizigidi emhlabeni wonke baye bathola induduzo ngokufunda iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. Baqinisekiswa amazwi omphostoli uPawulu, owathi: “Makadunyiswe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wesihe noNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduza osizini lwethu lonke.” (2 Korinte 1:3, 4) Kunganjani uzifundele lendima yeBhayibheli kanye nezinye eBhayibhelini lakho siqu? Ukwenza kanjalo ‘kuyoduduza inhliziyo yakho futhi kukuqinise.’—2 Thesalonika 2:17.

Usizo lokubhekana nokudangala lungatholakala futhi ngokuzihlanganisa nalabo abakhonza uJehova. IzAga 12:25 zithi: “Ngukukhathazeka enhliziyweni yomuntu okuyoyibangela ukuba ibhocobale, kodwa yizwi elihle eliyenza ijabule.” Lapho sisemihlanganweni yobuKristu, sizwa lelo ‘lizwi elihle,’ ‘elimnandi emphefumulweni futhi elingukuphulukiswa emathanjeni.’ (IzAga 16:24) Kunganjani uzame ukuya kowodwa nje umhlangano eHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova ukuze uzizwele indlela ongakuqinisa ngayo?

Ungazuza futhi emandleni omthandazo. Uma izinkathazo zokuphila zikuqeda amandla, xoxa ‘noMuzwi womthandazo’ ngemizwa yakho ejulile. (IHubo 65:2) UMdali wethu, uJehova uNkulunkulu, usiqonda kangcono ngaphezu kwendlela esiziqonda ngayo. Singathembela osizweni lwakhe. IZwi lakhe liyasithembisa: “Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova, yena uyokusekela. Akasoze avumele olungileyo antengantenge.” (IHubo 55:22) Yebo, “labo abathemba uJehova bayothola amandla kabusha.”—Isaya 40:31.

UJehova uNkulunkulu uye wasilungiselela usizo olunamandla olungasisiza ukuba sibhekane ngokuphumelelayo nokudangala. Ingabe uyolusebenzisa?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela