“Uyobe Wenze Into Enhle Kabi”
U-ALEXIS ungumfanyana oneminyaka emihlanu ubudala, ohlala edolobheni laseMorelia, eMexico. Abazali bakhe batadisha iBhayibheli futhi baya nasemihlanganweni yoFakazi BakaJehova. Lapho esemhlanganweni wesifunda nomkhaya wakubo, wabona umboniso wokushumayela endlini ngendlu. Kuzenzakalela nje waphendukela kuyise wambuza, “Baba, baba, yin’ indaba wena ungayi koshumayela?” Uyise waphendula, “Ngisafunda ukuze ngikwazi ukukwenza lokho.” U-Alexis waphendula ngokwesasa, “Baba, uyobe wenze into enhle kabi.”
Le ngane esencane yabona isidingo sokuba yenze ngokuvumelana nolwazi lwayo ngoJehova. Njengoba u-Alexis nabanye babazala bakhe abancane behlala emzini owodwa, waqale wathandaza kuJehova wabe esebaxoxela ngayekufunde encwadini ethi “Incwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli,” esizwa abazali bakhe. Nakuba u-Alexis ayengakakwazi ukufunda, wayekwazi kahle lokho le ncwadi ekuqukethe ngenxa yezithombe ezihambisana nezindaba zayo. Waze wathi ufuna nokuya emizini yabantu ukuze abatshele lokho ayekufunda ngezinjongo zikaNkulunkulu.
Ngempela, kokubili abancane nabadala bangenza ukuphila kwabo kuvumelane nalokho uJehova, “oNgcwele,” akulindele kubo futhi ngaleyo ndlela babe nelungelo eliwedlula wonke lokufakaza ngaye phakathi kwezizwe. (Isaya 43:3; Mathewu 21:16) Ngokuqinisekile, lokho kungenye yezinto ezinhle kabi umuntu angazenza.