Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w04 7/1 k. 32
  • Incwadi Eya KuNowa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Incwadi Eya KuNowa
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
w04 7/1 k. 32

Incwadi Eya KuNowa

“NOWA othandekayo, ngiye ngafunda kaningana ngawe eBhayibhelini nangendlela owawakha ngayo umkhumbi lowo wena nomkhaya wakho enasindiswa ngawo kuZamcolo.”

Iqala ngalawo mazwi incwadi eyabhalwa intombazanyana eneminyaka engu-15 ubudala egama layo linguMinnamaria. Ngale ncwadi, uMinnamaria wangenela umncintiswano wokubhala wabafundi abaneminyaka engu-14 kuya kwengu-21 ubudala. Lo mncintiswano wawuhlelwe iposi laseFinland, iNhlangano Yothisha Bolimi LwesiFinnish kanye neNhlangano Yezincwadi ZesiFinnish. Abangenele lo mncintiswano kwakumelwe babhale incwadi esekelwe encwadini ethile abayifunda. Babengase bayibhalele umlobi waleyo ncwadi noma umlingiswa wayo. Othisha bákhetha izincwadi ezingaphezu kuka-1 400 kwezazibhalwe abafundi babo babe sebezithumela kumajaji alo mncintiswano. Amajaji abe esekhetha ezishaye emakhanda zonke, kwase kulandela eziyishumi eziphume isibili, kwase kuba eziyishumi eziphume isithathu. UMinnamaria wajabula ngoba incwadi yakhe yayiphakathi kwalezo ezaziphume isithathu.

Kungani uMinnamaria, umfundi oweve eminyakeni eyishumi nambili, abhalela uNowa, umuntu owayephila eminyakeni engu-5 000 edlule? Uthi: “Into yokuqala eyafika engqondweni yami yiBhayibheli. Sengibajwayele kakhulu abalingiswa beBhayibheli. Ngiye ngafunda kakhulu ngabo kangangokuthi sengize ngibabheka cishe njengabantu abaphilayo. Ngakhetha uNowa ngoba ukuphila kwakhe kwakuthakazelisa kakhulu futhi kuhlukile kokwami.”

Incwadi kaMinnamaria ayibhalela uNowa iphetha ngala mazwi: “Useyisibonelo sokholo nokulalela. Ukuphila kwakho kukhuthaza bonke abantu abalifundayo iBhayibheli ukuba benze izenzo ezibonisa ukholo lwabo.”

Le ncwadi yomfundi weBhayibheli osemusha ibonisa kahle ukuthi iBhayibheli liyincwadi ‘ephilayo, enamandla’ ngempela kubantu, kokubili abancane nabadala.—Hebheru 4:12.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela