Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w04 6/1 kk. 30-31
  • Ukwenza Okuhle Ngezikhathi Zezinhlekelele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukwenza Okuhle Ngezikhathi Zezinhlekelele
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibiko Evelele Yonyaka Odlule
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2006
  • Umbiko Wencwadi Yonyaka Ka-1995 WoFakazi BakaJehova
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-1995
  • Imibiko Evelele Yonyaka Odlule
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2001
  • Ukukhula Othandweni Ndawonye
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
w04 6/1 kk. 30-31

Ukwenza Okuhle Ngezikhathi Zezinhlekelele

“MASENZE okuhle kubo bonke, kodwa ikakhulukazi kulabo abahlobene nathi okholweni,” kunxusa umphostoli uPawulu. (Galathiya 6:10) Emhlabeni wonke oFakazi BakaJehova bazama ngenkuthalo ukusebenzisa lesi simiso ekuphileni kwabo, ukwenza okuhle kubo bonke, ikakhulu kwabakholwa nabo. Lokhu kubonakala ngokuphindaphindiwe ngezikhathi zezinhlekelele. Ake sicabangele izibonelo zamuva ezivela emazweni amathathu.

Ngo-December 2002, iGuam yahlaselwa isivunguvungu esinamandla esasihamba ngesivinini esingaphezu kwamakhilomitha angu-300 ngehora. Imizi eminingi yonakala, eminye yabhidlika ngokuphelele. Ngokushesha amabandla akuleyo ndawo ahlela amaqembu okuhlanza ukuze asize imikhaya yoFakazi eyayilahlekelwe kakhulu. Igatsha laseGuam lanikela ngezinto zokwakha kanye nezisebenzi ukuze kulungiswe imizi eyayonakele, negatsha laseHawaii lasekela. Ngamasonto ambalwa, kwafika iqembu lababazi elalivela eHawaii lizosiza ngomsebenzi wokwakha, abanye abazalwane bendawo bathatha isikhathi seholide lapho besebenza khona ukuze basize laba bazalwane baseHawaii. Umoya wokubambisana ngenjabulo waba ubufakazi kubo bonke emphakathini.

Emaphethelweni edolobha laseMandalay, eMyanmar, kwaqubuka umlilo eduze kweHholo LoMbuso. Eduzane kwakunendlu eyayihlala udade owayepholile nomkhaya wakhe. Umoya wawuya ngakuwo lo muzi, ngakho lo dade wagijimela ehholo eyocela usizo. Ngaleso sikhathi, kwakulungiswa ihholo, ngakho kwakunabazalwane abaningi ababekhona. Bamangala lapho bembona lo dade ngoba babengazi ukuthi uhlala kuyo leyo ndawo. Ngokushesha, abazalwane basiza ekuthutheni izimpahla zalo mkhaya beziyisa endaweni ephephile. Lapho umyeni walo dade, ongeyena uFakazi, ezwa ngomlilo, waphuthuma ekhaya wathola abazalwane benakekela umkhaya wakhe. Ehlabeke umxhwele, wabonga futhi wakhululeka ngoba ngokuvamile abaphangi bayasizakala ngezimo ezinje. Umusa owaboniswa ngabazalwane washukumisela lo dade nendodana yakhe ukuba baphinde bahlanganyele nebandla lobuKristu, futhi manje baba khona kuyo yonke imihlangano.

Phakathi nonyaka wenkonzo odlule, abaningi eMozambique babhekana nendlala ngenxa yesomiso nokungaphumeleli kwezitshalo. Igatsha lakhona loFakazi BakaJehova lasabela ngokushesha ngokunikela ngokudla kulabo abaswele. Ukudla kwakwabiwa emaHholo OMbuso, ngezinye izikhathi ngemva kwemihlangano yebandla. Udade othile ongumzali ongayedwa wathi: “Ngaya emihlanganweni ngicindezelekile, ngingazi ukuthi izingane zami zizodlani uma sesibuyela ekhaya.” Usizo lothando olwanikezwa abazalwane lwamqinisa ngokushesha. “Kwakungathi uvuko kimi!” esho.

OFakazi ‘benza okuhle’ nangendlela engokomoya ngokutshela abanye isigijimi seBhayibheli senduduzo nethemba. Bakholelwa yilokho indoda ehlakaniphile yakudala eyayikukholelwa: ‘Kepha olalela [ukuhlakanipha kukaNkulunkulu], uyohlala ngokulondeka angaphazanyiswa yingebhe yenhlekelele.’—IzAga 1:33.

[Izithombe ekhasini 31]

1, 2. Ukwabela abaswele ukudla eMozambique

3, 4. Isivunguvungu eGuam sabhidliza imizi eminingi

[Imithombo]

Child, left: Andrea Booher/FEMA News Photo; woman, above: AP Photo/Pacific Daily News, Masako Watanabe

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela