Ukufuna Kwesintu Ukujabulisa UNkulunkulu
“AKUKAZE kube nomphakathi wabantu lapho uNkulunkulu engabanga khona ingxenye yalowo mphakathi, ngokuvamile engumlawuli noMdali wawo. Lokhu kunjalo ngisho nasemiphakathini ekhetha ukungakholelwa kuNkulunkulu.” Washo kanjalo uJohn Bowker encwadini yakhe ethi God—A Brief History. Ngandlela-thile, ukufuna uNkulunkulu nokuthola ukuvunyelwa nguye bekulokhu kuyisici esivelele ekuziphatheni kwabantu. Emhlabeni wonke, abantu abaningi banesifiso esiqotho sokujabulisa uNkulunkulu. Nokho, iyahlukahluka indlela abazama ukumjabulisa ngayo, kuye ngokwezinkolelo zabo.
Abanye bakholelwa ukuthi ukuphela kwento umuntu okudingeka ayenze ukuze avunyelwe uNkulunkulu ukuba aphile ukuphila okuqondile. Abanye banomuzwa wokuthi bathola ukuvunyelwa uNkulunkulu ngoba benikelela abampofu. Ngaphezu kwalokho, imigidi namasiko enkolo kubalulekile kubantu abaningi.
Ngakolunye uhlangothi, kunabantu abakholelwa ukuthi uNkulunkulu akanakufinyeleleka—ukuthi ukude kakhulu noma umatasa kakhulu ngezinye izinto ukuthi anganakana nabantu abavamile. Kubikwa ukuthi isazi sefilosofi saseGrisi yasendulo, u-Epicurus, sasikholelwa ukuthi ‘onkulunkulu bakude kakhulu ukuthi bangalimaza noma basize abantu.’ Noma kunjalo, abaningi abanaleyo mibono bangabantu abasontayo. Abanye bangase benze ngisho nemihlatshelo futhi bagcine amasiko athile bethemba ukushweleza emadlozini.
Wena uthini kule ndaba? Ingabe uNkulunkulu uyayibona ngempela imizamo yethu yokuthola ukuvunyelwa nguye? Singakwazi yini ukuthinta inhliziyo kaNkulunkulu futhi simjabulise?
[Umthombo Wesithombe ekhasini 2]
COVER: Courtesy of ROE/Anglo-Australian Observatory, photograph by David Malin