Ingabe IZwi LikaNnkulunkulu Liyakuqinisa?
LAPHO ubhekene nezinkinga, uzisingatha kanjani? UJesu yena wasizwa ukukhumbula umBhalo ofanele ukuba amelane nezilingo zikaSathane. (Mathewu 4:1-11) Ngokufanayo, lapho iNkosi uDavide ibhekene nezinkinga zomuntu siqu, yaqiniswa yiZwi likaNkulunkulu. Yathi: “Lapho imicabango yami engincisha ukuthula iba miningi ngaphakathi kimi, induduzo yakho yaqala ukuwotawota umphefumulo wami.”—IHubo 94:19.
Ngokufanayo, ukukhumbula umBhalo esiwuthanda kakhulu kungasiduduza noma kusiqinise lapho sibhekene nezinselele. Ngokwesibonelo, uRex, oseneminyaka engu-89 ubudala, ubelokhu engumshumayeli wevangeli isikhathi esigcwele kusukela ngo-1931. Nokho, uthi: “Ngangivame ukuzizwa ngingafaneleki uma nginikezwa isabelo esikhethekile enkonzweni.” Wabhekana kanjani nalo muzwa? “Ngangikhumbula umBhalo engiwuthanda kakhulu, izAga 3:5, othi: ‘Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda.’ Ukukhumbula nokusebenzisa lo mBhalo kwangisiza ukuba ngifeze izabelo zami ngokuphumelelayo.”
Ngisho nabancane bayazuza ngokuba nomBhalo abawuthanda kakhulu. UJack oneminyaka eyisithupha ubudala uthi umBhalo awuthanda kakhulu uMathewu 24:14. Lo mBhalo umkhuthaza ukuba ahambe ayoshumayela nabazali bakhe. Uthi: “Ngiyathanda ukuhamba njalo ngemiGqibelo nomama, nobaba kanye nodadewethu siyofakaza.”
NjengoJesu, ingabe ngezinye izikhathi ubhekana ngokuqondile nezinselele ezivivinya ukholo lwakho? Khona-ke eyabaseFilipi 4:13 ingaba omunye wemiBhalo oyithandayo. Ingabe nawe, njengeNkosi uDavide, uhlushwa ‘imicabango ekuncisha ukuthula’? Khona-ke ukukhumbula eyabaseFilipi 4:6, 7 kungakusiza ukuba ubhekane nakho. Ingabe ngezinye izikhathi ukhathazwa umuzwa wokuthi inkonzo yakho iyize kuNkulunkulu? Khona-ke ukukhumbula eyoku-1 Korinte 15:58 kungakunika amandla.
Ngokubamba ngekhanda imiBhalo efanelekayo, sivumela iZwi likaNkulunkulu libe namandla ekuphileni kwethu. (Hebheru 4:12) ImiBhalo enjalo esiyithandayo ingasinikeza amandla nenduduzo.—Roma 15:4.