Esizwa IBhayibheli, Wamelana Nesilingo
Ziningi izilingo ezweni lanamuhla. Ukunamathela ezindinganisweni zeBhayibheli akulula. Ngokwesibonelo, kungase kube inselele ukulalela iseluleko seBhayibheli: “Balekelani ubufebe.”—1 Korinte 6:18.
Omunye woFakazi BakaJehova, esizombiza ngokuthi uSebastian, wayesebenzela inkampani yaseScandinavia, esePoland. Kwadingeka alwe kanzima ukuze agcine ubuqotho bakhe.
USebastian waziwa abantu asebenza nabo njengomunye woFakazi BakaJehova. Bebonisa ukwazisa ukukhuthala nobuqotho bakhe, abaphathi bakhe bamvuza ngamalungelo ahlukahlukene. Nokho, kwaba sobala ukuthi la malungelo ayehlanganisa nokwenza umsebenzi wakhe lapho kwakunokuzijabulisa okungabazekayo khona.
Ngokushesha uSebastian waqala ukungabaza. “Umphathi wami uyazi ukuthi ngingomunye woFakazi BakaJehova. Yingakho engethemba. Uma ngenqaba ukwenza le misebenzi, ngizolahlekelwa umsebenzi, engawuthola kanzima. Kuthiwani uma ngingahlanganyeli kulokho kuzijabulisa, ngimane ngibe isibukeli nje?”
USebastian wabe esethola okwengeziwe. Wayelindeleke ukuba “anakekele” osomabhizinisi abavela kwamanye amazwe ngokubatholela izintokazi ezithengisa ngomzimba ezizothokozisa laba banumzane zihambe nabo ebusuku. Wayezokwenze njani?
USebastian wanquma ukukhumbuza umphathi wakhe ngesimo sakhe sengqondo esisekelwe eBhayibhelini mayelana nokuziphatha okubi. Ngokushesha kwaba sobala ukuthi uSebastian wayengeyena umuntu owayengenza lo msebenzi nokuthi kungensuku zatshwala, kwakuzodingeka awuyeke. Wathola umsebenzi omusha oholela kancane, kodwa ongenazo lezi zilingo. Manje unonembeza ohlanzekile.
Ubungenze njani uma othile ekushoshozela ukuba uhlanganyele noma uvumele ukuziphatha okubi? Ubungazimisela yini ukwenza ushintsho olukhulu? Yilokho uJosefa wasendulo akwenza, njengoba kulandiswe kuGenesise 39:7-12.