Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w04 4/1 k. 32
  • Kufanele Yini Sicele Usizo Ezingelosini?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kufanele Yini Sicele Usizo Ezingelosini?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
w04 4/1 k. 32

Kufanele Yini Sicele Usizo Ezingelosini?

INGABE kufanele sicele usizo ezingelosini ngezikhathi zokucindezeleka? Abantu abaningi bacabanga kanjalo. Empeleni, i-New Catholic Encyclopedia ithi: “Umuntu uthandaza . . . ezingelosini . . . kuphela ngomqondo wokuthi zingasikhulumela noNkulunkulu.” Kufanele yini sicele izingelosi ukuba zisikhulumele?

IZwi likaNkulunkulu linikeza amagama amabili kuphela ezingelosi zikaNkulunkulu ezithembekile, uMikayeli noGabriyeli. (Daniyeli 8:16; 12:1; Luka 1:26; Jude 9) Njengoba iBhayibheli likhuluma ngala magama, siyaqonda ukuthi yileyo naleyo ngelosi iyisidalwa esingumuntu womoya esinegama, hhayi nje amandla athile angeyena umuntu. Nokho, ezinye izingelosi zenqaba ukwambula amagama azo. Ngokwesibonelo, lapho uJakobe ecela ingelosi eyayimvakashele ukuba yembule igama layo, yenqaba ukumtshela. (Genesise 32:29; AbaHluleli 13:17, 18) EBhayibhelini alukho uhlu lwamagama ezingelosi, ngaleyo ndlela kuvimbela abantu ukuba baziqaphele ngokungadingekile.

Ukudlulisa imiyalezo evela kuNkululunkulu kubantu kuphakathi kweminye yemisebenzi yezingelosi. Eqinisweni, amagama okuqala esiHebheru nesiGreki ahunyushwe ngokuthi “ingelosi” ngokwezwi nezwi asho “isithunywa.” Nokho, izingelosi azibona abalamuleli abayisa imithandazo yabantu esihlalweni sobukhosi soPhezukonke. UNkulunkulu wanquma ukuba imithandazo ibhekiswe kuye ngegama leNdodana yakhe, uJesu Kristu, owathi: “Ukuze kuthi noma yini eniyicela kuBaba egameni lami aninike yona.”—Johane 15:16; 1 Thimothewu 2:5.

UJehova uNkulunkulu akamatasa kakhulu ukuba asilalele uma sisondela kuye ngendlela efanele. IBhayibheli liyaqinisekisa: “UJehova useduze nabo bonke abambizayo, useduze nabo bonke abambiza ngeqiniso.”—IHubo 145:18.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela