Imibuzo Evela Kubafundi
Njengoba amaLevi ayengenalo ifa kwa-Israyeli wasendulo, kwakungenzeka kanjani ukuba umLevi uHanameli athengisele uJeremiya, umzala wakhe ongumLevi, insimu, njengoba kushiwo kuJeremiya 32:7?
Ngokuphathelene namaLevi, uJehova wathi ku-Aroni: “Ngeke ube nefa . . . , futhi akukho sabelo esiyoba esakho phakathi kwawo [ama-Israyeli].” (Numeri 18:20) Noma kunjalo, amaLevi abelwa imizi engu-48 kanye namadlelo ayo, eyayithe chithi saka eZweni Lesithembiso. Umuzi wakubo kaJeremiya kwakuyi-Anathoti, omunye wemizi eyayabelwe ‘amadodana ka-Aroni, abapristi.’—Joshuwa 21:13-19; Numeri 35:1-8; 1 IziKronike. 6:54, 60.
KuLevitikusi 25:32-34, sithola ukuthi uJehova wanika iziyalo eziqondile ngokuphathelene ‘nelungelo lokuthenga kabusha’ impahla yamaLevi. Kusobala ukuthi imikhaya yamaLevi yayiyoba namalungelo efa aqondene nokuthola, ukusebenzisa nokuthengisa izabelo ezithile. Nakanjani lokho kwakuyohlanganisa nokuthengiswa kanye nokuthengwa kabusha kwendawo.a Ngezindlela eziningi, amaLevi ayeba nezindawo futhi ezisebenzisa ngezindlela ezifanayo nezinye izizwe ezingama-Israyeli.
Cishe ubunikazi bendawo enjalo yamaLevi babudluliselwa kwamanye amalungu omkhaya ngefa. Nokho, ngokuqondene ‘nelungelo lokuthenga kabusha,’ ukuthengiselana kwakuvunyelwe phakathi kwamaLevi kuphela. Futhi, kubonakala sengathi izindawo ezazingase zithengiswe futhi zithengwe kabusha kwakuyilezo eziphakathi kwemizi kuphela, ngoba “insimu eyidlelo lemizi yabo” kwakungafanele ithengiswe ngoba ‘yayiyifa labo kuze kube nini nanini.’—Levitikusi 25:32, 34.
Ngakho kusobala ukuthi insimu uJeremiya ayithenga kabusha kuHanameli kwakuyileyo eyayingadluliselwa kwabanye ngokuthengwa kabusha. Kungenzeka ukuthi yayingaphakathi kwemingcele yomuzi. UJehova ngokwakhe wakuqinisekisa ukuthi “insimu” okukhulunywa ngayo kwakungekaHanameli nokuthi uJeremiya wayenalo “ilungelo lokuyithenga kabusha.” (Jeremiya 32:6, 7) UJehova wenza umfanekiso ngalokhu kuthengiselana ukuze aqinise isithembiso sakhe sokuthi ama-Israyeli ayeyobuyela ezweni eliyifa lawo ngemva kwenkathi ethile edingiselwe eBhabhiloni.—Jeremiya 32:13-15.
Akukho lutho olubonisa ukuthi uHanameli wayethole indawo e-Anathoti ngezindlela ezingafanele. Akukho okubonisa ukuthi wayephula umthetho kaJehova ngokucela ukuba uJeremiya athenge le nsimu ese-Anathoti noma ukuthi ngokuthenga le nsimu uJeremiya wayelisebenzisa ngendlela engafanele ilungelo lakhe lokuthenga kabusha.—Jeremiya 32:8-15.
[Umbhalo waphansi]
a Ngekhulu lokuqala C.E., umLevi uBarnaba wathengisa indawo ayenayo wanikela ngemali yayo ukuze asize abalandeli bakaKristu abaswele eJerusalema. Kungenzeka ukuthi le ndawo yayisePalestine noma eCyprus. Noma kungenzeka ukuthi lena kwakumane nje kuyindawo yokungcwaba uBarnaba ayeyithole endaweni yaseJerusalema.—IzEnzo 4:34-37.